EzakamuvaIbhola

Alicaci ikusasa likaBenni kwiKenya ngemuva kwesibhaxu seSenegal

SIHLE NGUBO

Iphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe laseKenya, uVasili Manousakis, lithi alazi ukuthi ubani ohlele umdlalo phakathi kwaleli lizwe neSenegal.

Ukhuluma kanjena nje uManousakis iKenya ithelwe ngehlazo ibhaxabulwa kabuhlungu yiSenegal ngo 8-0 emdlalweni wobungani ngoLwesibili.

Ngokusho kwalo mqeqeshi, osiza uBenni McCarthy ukucija iKenya, bona bebehlela imidlalo namanye amazwi, hhayi iSenegal.

“Kube yinto esimangazile thina. Asazi ukuthi kanjani nokuthi ubani ovumile ukuthi sidlale neSenegal,” kusho uManousakis oke wasebenza kuMaZulu noMcCarthy.

“Kodwa sasixoxa mayelana nokudlala neComoros kanjalo neMadagascar.

“Asiqondi kahle ukuthi kwenzeke kanjani kodwa sekwenzekile,” kusho lo mqeqeshi kwiDiski Times.

Akungabazeki ukuthi akwehlanga kahle ukuhlazwa kanje kuMcCarthy owake wagijima kwiBafana Bafana neFC Porto.

Okungacaci nokho ukuthi ngabe kwenzeke kanti ukuthi kuqedwe ngokuthi kuzodlalwa neSenegal kodwa abaqeqeshi beqembu bengazi.

Lokhu kubukeka kuzobubhidliza ubudlelwano phakathi kwalo mqeqeshi nabaphathi beqembu lesizwe laseKenya.

UMcCarthy ufike kwiKenya wenza kahle yize iqembu ligcine lehlulekile ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba.

IHarambee Stars ibuyele eKenya ngoLwesithathu kulandela imidlalo emibili yobungani ne-Equatorial Guinea neSenegal, eTurkey.

Umengameli weFootball Kenya Federation (FKF), uHussein Mohammed, usexolisile esizweni wethembisa ukuthi bazokwenza uphenyo.

Nokho uMcCarthy ubengakaze aphawule njengoba abalandeli bebhola baseKenya beqhubeka nokumgxeka.

Kuvela ukuthi uMcCarthy, namaphini akhe uManousakis noMoeneeb Josephes, ocija onozinti, abazange babe yingxenye yethimba elibuyele eKenya ngoLwesithathu ebusuku.