EzakamuvaIbhola

Ayanda azibhekile kuPercy Tau uma eshiya kwi-Al Ahly

Ukuvela kwezindaba zokuthi uPercy Tau angase ashiye kwi-Al Ahly adlala kuyo e-Egypt sekuvuselele ugqozi lokumsayine kwelinye lamaqembu eDStv Premiership. 

Izingoxo zokuvuselelwa kwenkontileka phakathi kwabaphathi bakaPercy Tau ne-Al Ahly kubikwa ukuthi zibhajiwe. 

I-Al Ahly beyikuveziwe ngoFebhuwari ngesikhathi uTau ebuya kwi-Caf Africa of Nations (Afcon) ukuthi ifisa ukumgcina.

Kuyavela ke ukuthi nebala bayibekile inkontileka entsha etafuleni kodwa inkinga wukuthi abaphathi bakaTau abenelisekile ngayo. 

Impempe seyithole ukuthi bahudula izinyawo nje yingoba sekukhona amanye amaqembu abakhuluma nayo nakhuluma okungcono.

Ngokusho komthombo wethu, elinye lalawo maqembu yi-Orlando Pirates okuthiwa izibhekile uma egcina ngokushiya kwi-Al Ahly. 

Kuvela nokuthi kungenzeka futhi aphinde ahlangane noPitso Mosimane ngesizini ezayo okungaba seSaudi Arabia noma eMorocco. 

UMosimane uqeqesha eSaudi Arabia njengamanje kanti uma engalivikisa izembe iqembu akulo – i-Abha – kungenzeka limnike inkontileka entsha. 

Lokhu kiungasho ukuthi uyaqhubeka nokuqeqesha kwiSaudi Pro League. Uma engagcinwanga, uyafuneka naseMorocco. 

Imibiko yakamuva ithi iWydad Athletic edlala kwiBotola Pro League icuthile ukubona uphelelaphi lo mqeqeshi osezakhele igama ebholeni lase-Afrika. 

Ukubuyela kuPercy Tau, kungenzeka neMamelodi Sundowns ifune abuyele kuyo uma kugcina ngokuthi akuhlangani kwi-Al Ahly.