UNtseki uchaza okwenze iKaizer Chiefs ayangakhempa phesheya
Sbongs Gumbi
UMolefi Ntseki usephumele obala ngeqhinga leKaizer Chiefs lokuzilungiselela ukuqala kwesizini entsha ekhaya, ingalandeli izimbangi eziye phesheya.
I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns babe namakhempu e-Europe njengoba kulungiselelwa isizini, kodwa iKaizer Chiefs yona izihlalele kuleli.
Ngesikhathi iPirates iye eSpain, iSundowns yona ilibangise eHolland, kodwa Amakhosi wona anqume ukuya eMpumalanga la abekhempe khona.
Ngemuva kokuzilolonga iviki eMpumalanga, iChiefs ibe seylibangisa eTanzania la ifike yazwana khona amandla neYoung Africans SC.
UNtseki uthi isinqumo sokuyibambela khona la eNingizimu Afrika ikhempu yinto eyathathwa kudala ngenxa yokubuka izinto abafuna ukuzilungisa.
Ekhuluma nabezindaba kuleli viki, uNtseki ukucacisile ukuthi ukuhlela kwabo ukuthi bazoyilungiselela kanjani isizini akuncikile kokwenziwa amanye amaqembu.
Uthe kwiKaizer Chiefs abalandeli izixuku nokuthi umoya uya ngaphi, kodwa balandela uhlelo lwabo, oluhambisana nezidingo zabo.
“Uhlelo lwethu lokulungiselela isizini lwenziwa ngonyaka odlule. Ngakho-ke, asilandeli ukuthi abanye bona bayaphi,” kusho uNtseki kuleli viki.
“Bekuwuhlelo lwethu ukuthi sizokwenza amalungiselelo ethu eNingizimu Afrika ngenxa yezizathu nezidingo zethu.
“Yingakho ngeviki lokuqala siye eMpumalanga ngoba besazi kahle ukuthi uma sisuka endaweni ephakeme, siya kwephansi kuzobaqinisa lokho abadlali,” kuchaza uNtseki.
Ngokuzilolongela eMpumalanga, Amakhosi aqinisekise ukuthi abadlali bawo bakulungele ukubhekana nezinselelo zokuhambela amadolobha ahlukene aseNingizimu Afrika ezindaweni ezihlukene.
IKaizer Chiefs iphinde yawela imingcele yayobhekana neYoung Africans eTanzania. Lokhu bekungekhona ukuzwana amandla nje kuphela.
Kepha kube yithuba leqembu lokuhlola ukuthi abadlali sebekuliphi izinga ngokokulungela ukuqala kwesizini nokubona ukuthi kukuphi la kusamele lilungise khona.
FUNDA NALA: ‘Ikopela’ isu lePirates iSekhukhune ngokusayina inqwaba
IChiefs izophetha izinhlelo zayo zokulungiselela isizini entsha ngohambo lwaseBotswana la izodudulana khona neTownship Rollers ngoMgqibelo.