Ingene kanjani iRichards Bay ezembeni yayiqale kahle kanje?
By Sihle Ngubo
IRichards Bay FC iqale imidlalo yeDStv Premiership ivutha ingabaselwe emidlalweni emihlanu yokuqala kwesizini ka-2022/2023.
Leli qembu like lahlala endaweni yesibili kwilogi yePremiership ngenxa yokuqoqa amaphuzu emidlalweni yokuqala, nokwenze kwabonakala lingeke libe nenkinga yokuvika izembe ekupheleni kwesizini.
Kunalokho bekubukeka lizolingisa iRoyal AM efike yaqeda endaweni yesibili kwiPremiership yize ibiqala ukudlala kwiligi enkulu yaseNingizimu Afrika.
Njengamanje izinto zishintshe kakhulu kuleli qembu laseMhlathuze njengoba sekusele imidlalo emibili kusongwe isizini.
INatal Rich Boyz izithola isendaweni ka-13 kwilogi ngamaphuzu angu-32, kanti lokhu kusho ukuthi kusengenzeka noma yini kuyona uma ingayiwini imidlalo emibili eyisalele.
IRichards Bay isiyizwa ngendaba into okuthiwa ukuwina njengoba seliyidlale imidlalo engu-11 kodwa lutho ukunqoba.
NgoLwesithathu bekubukeka sengathi iyaliqeda ishobolo isihamba phambili ngo 2-1 kodwa yabuya iChippa United yawina ngo 3-2.
Ngabe konakale kuphi kwiNatal Rich Boyz? Kunzima ukusho kodwa kubukeka sengathi ihoneymoon yayo (isafika ingaziwa kahle kwiPremiership) ihlulekile ukuyisebenzisa ukufunda ukuthi ashintshwa kanjani amagiye esigabeni esiphezulu.
Uma amanye amaqembu eselifundile iqembu (ukuthi lidlala kanjani) kumele liqhamuke namaqhinga amasha, kungenjalo lizozithola liwukudla kwenduku.
Kuthe uma konakala kwiBay abaphathi beqembu benyusa uVasili Manousakis. Bathi akahlehle uPitso Dladla obebambisene naye ekuqeqesheni, waba yiphini.
Akwaziwa ukuthi lokhu kube namthelela muni eqenjini kodwa akukho shintsho olufike noVasili.
Kuzoshuba emidlalweni emibili eyisalele iRichards Bay ngaphambi kokuthi kusongwe isizini. Izobhekana neCape Town City ngoMeyi 13 bese iyivala nomkhaya iRoyal AM ngoMeyi 20.
Uma ingayiwini le midlalo ingazithola idlala imidlalo yokuhlunga ngoba iMarumo Gallants neChippa United bayavutha njengoba bebalekela imbazo enkulu.
FUNDA NALA: Asengene endlini amanzi kwiMaritzburg United, kodwa ‘isazolwa’
IGallants ibambane neMaritzburg United ngo 2-2 koweligi NgoLwesithathu. NgoMgqibelo iGallants izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns, kanti ukuwina lapho kuzoyifinyelelisa ku-32 wamaphuzu.
Lokhu kungayicindeza kakhulu iNatal Rich Boyz enenkinga yokuvuza emuva, ngakho awayivuni amagoli.