Uncoma ukuzikhandla kukaPule Mmodi yize engase abashiye
By Njabulo Shezi
UVusumuzi Vilakazi useveze ukuthi kungabe balimele uma iGolden Arrows ingagcina ilahlekelwe nguPule Mmodi.
UPule Mmodi ngomunye wabadlali abasayidlale yonke imidlalo kwi-Arrows kule sizini njengoba esebonakale izikhawu ezingu-30 enkundleni.
Useshaye amagoli ayisithupha kanti wakhele ozakwazo amathuba okushaya amagoli bawasebenzisa izikhawu ezintathu.
Kodwa ke kungenzeka ashiye kuleli qembu laseThekwini ajoyine enye yezinkunzi zaseSoweto ngesizini ezayo.
Ikusasa likaPule Mmodi sekuvele kunesikhathi kuqagulwa ngalo njengoba bekulokhu kuvela ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bayamhalela.
Kuke kwavela ke nokuthi iPirates yiyo ebimfuna kakhulu, kodwa yena wanquma ukungayi kuyo.
Kuthiwa wenqena ukuthi kuvele kunenqwaba yabadlali abacishe bafane nayo kuyo, kanti yena uzibona engangena kalula esikimini kwiChiefs.
“Ungumdlali engingakujabulela ukuhlezi nginaye eqenjini ngoba uyazikhandla ngaso sonke isikhathi,” kusho uVusumuzi Vilakazi.
“Namanje sekuvele kunokuqagela ngaye kodwa yena enkundleni usasebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela.
“Ngakho ungomunye wabadlali owaziyo ukuthi uzokulwela enkundleni. Uma ufuna umuntu ozosebenza, usiphakamisa kuqala isandla.”
UVusumuzi Vilakazi uthi yize njengamanje engazi izophelelaphi le ndaba kaPule Mmodi, kodwa yena engakujabulela ukumgcina.
“Sizobona kuzokwenzekani. Uma singakwazi ukuba naye uPule nangesizini ezayo, ngingakujabulela kakhulu lokho.”
Kusanda kuvela ke nokuthi i-Arrows ifisa nokugcina uNeverdie Makhubela embolekwe yiPirates kule sizini.
Akwaziwa ukuthi ubolekiswe isikhathi esingakanani kodwa kungenzeka i-Arrows imthole nangesizini ezayo njengoba kwiPirates besebaningi abadlali abaphambi kwakhe.
FUNDA NALA: Inhlanhla ukudlala neDonws ixakekile, kodwa iMaritzburg iyasola
IPirates yayivele imthenge kuyo i-Arrows lo mdlali kodwa wafike wehluleka ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
Kwi-Arrows ungomunye wabadlali abaphambili futhi abadlala into ebonakalayo.