IXOXWA NGEZITHOMBE: Lihle ikhono lezemidlalo eMzumbe
By Alfred Ngubane
IMeya kamasipala waseMzumbe uBongani Nyuswa inxenxa abantu abasha kule ndawo ukuthi bangene kwezemidlalo ngoba umuntu engagcina esebenzisa ikhono lakhe ukuziphilisa.
Uthi njengoba imisebenzi incipha nje kuleli, ezemidlalo zingaba yindlela yokuziphlisa uma umuntu ezimisele futhi egwema izinto ezimbi.
“Kuzomele silandele emazweni asethuthukile kwezemidlalo afana noBrazil esikhiqize abadlali abaningi abahlonishwayo umhlaba wonke.
“IBrazil seyikhiqize abadlali abafana noPele, Romario, Cafu, Roberto Carlos, Dunga, Ronaldo, Ronaldinho nabanye abaningi.
“Kwezokusubatha kumele sibheke emazweni afana noKenya ne-Ethiopia ukuthi benza kanjani ukuthi bakhiqize laba basubathi,” kusho uNyuswa.
Uphinde waveza ukuthi bazogxila kakhulu nakwezokusubatha, ukubhukuda, iNetball, umkhalambazo namankomane.
UNyuswa ubekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wemidlalo ehlukene obuhlelwe yihhovisi lakhe ngempelasonto.
FUNDA NALA: Uzulelwa amanqe u-Arthur Zwane kwiChiefs, umphathi omkhulu akeneme
Bekukhona nabahlwaya amakhono kanti kuthiwa bahambe beneme ngabakubonile futhi kukhona abazonikwa ithuba lokuyozama inhlanhla kwezinye izindawo.
Ngeke basele ngaphandle abadlali beNetball njengoba lo masipala uzokwemukela inkomishi yeNdebe yoMhlaba yalo mdlalo ezobanjelwa eKapa ngoJuni.
Buka nazi izithombe zale midlalo ngezansi: