Uxhoshwe izibani zeTheku umdlali ofike kuMaZulu ethwelwe ngeqoma
By Alfred Ngubane
Usengenwe wufa oseluqede ngenqwaba yabadlali umdlali waseZambia ogijima kuMaZulu FC uRally Bwalya njengoba kuvela ukuthi naye usexhoswe izibani zeTheku ezikhanya kuse emnyango.
Kuthiwa njengoba esanda kuthenga imoto entsha ebizayo nje lo mdlali usegcwala izitaladi zeTheku, ethungatha ubumnandi la bungakhona.
Lo mdlali ufike kuMaZulu ekuqaleni kwesizini ethembisa kakhulu. Bekubonakala amava akhe ezolisiza kakhulu leli qembu.
Ufike kuMaZulu esuka kwiSImba SC yaseTanzania abedlala nayo kwiCaf Champions League. Yilapho noSuthu olwambona khona lwathatheka yikhono lakhe.
Kodwa manje lo mdlali oneminyaka engu-27 odabuka eKitwe, eZambia, usehlelwe yizinga lokudlala njengoba ebekhuhla ibhentshi isizini yonke.
“Akukhona ukuthi yini, ngiyazi abanye bazothi ubesazama ukujwayela eNingizimu Afrika, kodwa akunjalo,” kusho umthombo ocele singawuvezi igama.
“Lo mdlali onesipho sokudlala ibhola futhi usezingeni eliphezulu kakhulu kodwa inkinga wukuthi usehamba izindlela ezingafanele.
“Uselandele ezinyathelweni zabadlali bokufika kuleli abafika babhayiziswe amantombazane nobukhazikhazi basebusuku maqede kuphele ngabo,” kuchaza lo mthombo.
Uthe uma abaphathi beqembu bengakuthola ukuthi kanti inkinga yakhe yile bengaohoxeka kakhulu ngoba bebebheke lukhulu kuye.
“Ubobona ngoba kuthe noma sekuhambe uMkhaula (oye kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari) kwafana nje kuye, ijezi ubesalizwa ngendaba.
“Phela bekungacashiswa ngokuthi ufike kabi uMakhaula edlala kahle futhi engukaputeni kodwa ke nakhu ushiyile, isikhala savalwa abanye ekhona.”
FUNDA NALA: Kuvela okugqilaze iRichards Bay okungekuhle ngosihlalo wayo
Kubadlali bangaphandle abafika kuleli kubatshazwa ikhono lao kodwa bagcina sebeyimiphuphe yeTheku singaba uChance Gondwe owagcina esehlala emkhukhwini noRobson Muchichwa owagcina esengudakabhoyi.