EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs seyihlehlile koweStellies, isidoba eMgungundlovu…

By Sbongs Gumbi

Ukungena kweMamelodi Sundowns embangweni wokusayina umdlali weStellenbosch FC uJunior Mendieta kubonakala sekuhlehlise iKaizer Chiefs. 

Leli qembu laseNaturena yilo ebeliphambili ekufuneni lo mdlali njengoba belimhalela kusukela nangesizini edlule. 

Kodwa kuleli viki kuvele ukuthi iSundowns nayo izibhekile kulo mdlali kanti nemali efunwa yiStellies iwubala kuyo. 

Mhlawumbe yikho lokhu osekwenze iKaizer Chiefs ishintshe idamu edoba kulo njengoba manje seyiwufuna kwiMartizburg United ufishi omkhulu. 

Impempe ithole ngoMgqibelo ntambama ukuthi Amakhosi asecathamela uRowan Human ongomunye wabadlali abahle kwiMaritzburg. 

Kuthiwa umphathi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Junior ukhulume nosihlalo weMaritzburg uFarouk Kaddodia ngoLwesihlanu. 

Ube esetshelwa ukuthi engadedelelwa lo mdlali kodwa kuzomele iKazier Chiefs ibeke okungenani uR6-million etafuleni. 

UHuman udlala indawo efananyo noMendieta kanti iChiefs ibafuna ngoba inenkinga yokulinyalelwa njalo uKhama Billiat. 

“IKaizer Chiefs ayinaye umdlali okwazi ukuyihlanganisa esiswini. UNkosingiphile Ngcobo uyazama kodwa kukhona la asashoda khona. 

“Manje bekubhekwe uMendieta kodwa cishe lo R12-million okuthiwa ufunwa yiStellenbosch uyihlehlisile,” kusho umthombo. 

UHuman nguye kumane othwele amathemba eMaritzburg emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership eqhubekayo.

Nguye oshaye amagoli amabili ihlula iCasric Stars ngo 2-0 phakathi neviki ukuze ibe sethubeni lokuqhubeka nokudlala kulesi sigaba esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli.

IKaizer Chiefs izombanga neSuperSport United lo mdlali njengoba nayo imfuna, ngokubika kwabeRushsportson. 

Baveza ukuthi nokho yona kuthiwe ayize noR3-million bese imthatha ihamba naye uHuman njengoba kwiChiefs iphindwe kabili nje le mali. 

Uma egcina kwiSuperSport, uHuman uzobe eyohlangana nomqeqeshi okunguye owamnika ithuba lakhe lokuqala ebholeni elikhokhelayo uGavin Hunt.

FUNDA NALA: IKazier Chiefs seyimtholile oweCape Town City ebimhalela

Babesebenza bonke kwiBidvest Wits le eyagcina ihlakazwa. Mhlawumbe iChiefs yona seyiyokhalela kuHashim Domingo. 

Lo mdlali naye ophuma khona esikhungweni seWits uchithwe yiMamelodi Sundowns kuleli viki kulandela ukungavumelani ngenkontileka entsha.