EzakamuvaIbhola

Usezama eceleni umgadli ophelelwe yindawo kwiBucs

Kubikwa usekuvumile ukuthi isikhathi sakhe siphelile kwi-Orlando Pirates umgadli uKermit Erasmus oseqalile ukuhlwaya ikhaya elisha. 

Lo mgadli ulizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale isizini kanti uke waphinde wabanjezelwa wukulimala. 

Nokho kuthe noma esebuyile wazithola esemuva kakhulu ohlwini lwabadlali abaqala imidlalo njengoba abagadli abakhona njengamanje bevutha bengabaselwe. 

UTshegofatso Mabasa nguyena njengamanje umgadli oqala imidlalo bese ebhentshini bacuphe ngo-Evidence Makgopa noma uZakhele Lepasa. 

Manje iSoccer Laduuma ibika ukuthi lo mgadli oke wadlala nakwiMamelodi Sundowns neCape Town City phambilini, usekulungele ukushiya kweZimnyama. 

“Ngokwemithombo yethu, uKermit Erasmus useqalile ukuhlwaya ukuthi yingakuphi la engadingeka ngakhona. 

“Kuyacaca manje ukuthi u-Erasmus usethungatha ikhaya elisha, usengene ezinkundleni zokuxhumana ememezela ukuthi usejoyine inhlangano entsha ngethemba lokuthi ingamsiza athole iqembu ngaphambi kwesizini ka-2024/25. 

“IPirates nokho ibingakasho lutho ngokushiya kwakhe futhi iSoccer Laduma iyaqonda ukuthi lokhu kungenzeka futhi kungenzeke ukuthi u-Erasmus ashiye maduze ngemuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngoJuni 1,” kubika leli phephandaba.

Kumahlandla amabili kwiPirates, u-Erasmus usedlale imidlalo engu-117, washaya amagoli angu-26. 

Ubengumdlali obalulekile ekunqobeni kwayo kwiMTN8 ngesizini edlule, evutha engabaselwe beshaya iSundowns kowandulela owamanqamu.