EzakamuvaIbhola

Shongwe: UMngqithi uyazithulela emdlaweni, kodwa ulaka ejimini

Sbongs Gumbi

UManqoba Mngqithi waziwa ngokuzithulela, azihlalele ebhentshini engakhombizi imizwa kodwa uMyron Shongwe uthi into ayithetha ejimini ayimfuni umfana ontekenteke. 

UMyron Shongwe udlale ngaphansi kukaMngqithi ngesikhathi bekuMaZulu ngo-2011 kanti akawuvali umlomo ngamava alo mqeqeshi. 

Umchaze njengomuntu owuhloniphayo umsebenzi futhi ofuna izinto zenziwe ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi. 

Kodwa akayena umqeqeshi obukisa ngabadlali bakhe phambi kwabantu ngokuthi abathethise sebesenkundleni phambi kwabantu. 

“Uma ephambi kwamehlo abantu uyazithulela nje, ehlise nomoya abe phansi,” kusho uMyron Shongwe ngesikhathi ekhuluma nabe-Off The Pitch with TK. 

“Kodwa uma esesejimini, ungaze uphike ukuthi nguye lo obumbona kwithelevishini ezithulele. 

“Uyashintsha abe nolaka, athethe… Uyakutshela afuna ukwenze uma uhluleka akulwise uze ukubambe. 

“Kodwa ake kuyiwe emdlalweni, uzisongela izandla zakhe bese ezithulela nje,” kuchaza le nkakha eyadlala nakwiBlack Leopards. 

“Nakhona ujika uma sekungenwe egunjini lokkushintshela (ngekhefu). Ukutshela emehlweni ukuthi uyangidlisa wena ndoda uma ungenzi into ayifunayo. 

“Phambi kwamakhamera ungaze uthi akanakile, akazi nokuthi kwenzakalani. Kodwa usuke ebheke yonke into. 

“Ngicabanga ukuthi kwenziwa wukuthi wayenguthisha. Ikhono lokukwazi ukulawula imizwa yakhe lihle kakhulu. 

“Uyazi kumele aziphathe kanjani njengoba engumqeqeshi uma sekusemdlalweni,” kuchaza uMyron Shongwe. 

FUNDA NALA: UBruce Ramokgadi ubona uMakgopa engcono kunoDzvukamanja

Le nkakha ithe ngokwayo ifuna uMngqithi athole elinye iqembu azosebenza kulo ngoba ikhono lakhe liyadingeka ebholeni kuleli. 

Ithe ayingabazi ukuthi noma kuphi la ezoqeqesha khona engaphumelela ngoba uyawazi umsebenzi wakhe.