EzakamuvaIbhola

Okusha ngoMsimango noMelusi Buthelezi, uSukazi uyacacisa

Njabulo Shezi

Sekuyinto edume lonke izwe ukuthi abadlali beTS Gamaxy oGiven Msimango noMelusi Buthelezi baya emaqenjini aseSoweto ngesizini ezayo. 

Kodwa ngabe kuyiqiniso kangakanani lokhu? Kungenzeka lamaqembu abamataniswa nawo aphoxeke njengoba kwenzekile ngoBathusi Aubass? 

Umengameli weGalaxy, uTim Sukazi kuleli viki uphoxe abalandeli bePirates eveza ukuthi ayikho le yokuthi u-Aubass uya eqenjini labo. 

Bekunamahlebezi alokhu, avutha kakhulu ngesikhathi iBafana Bafana imbhalisa njengomdlali wePirates ekubeni esengoweGalaxy. 

Manje njengoba iPirates imataniswa nanoMelusi Buthelezi nje, ngabe kungayiphinda ukuthi kube ngamahlebezi nje angenaqiniso? 

NeKaizer Chiefs nayo sekubikwe kaningi ukuthi seyisayine uGiven Msimango. USukazi usecacisile ngekusasa lalaba badlali. 

“UGiven Msimango? Iqembu lakhe lizomethula,” ucashunwe esho kanje uSukazi kwi-iDiski Times ngoLwesithathu. 

“Ngingaphumela obala ngithi, ‘sesivumelene ngokudayiselana neKaizer Chiefs…’ Okufanayo nangoMelusi Buthelezi. Iqembu lakhe elisha lizomethula ngokufanele.” 

USukazi uthe akafuni ukuphuca lamaqembu abaya kuwo ithuba lokujabulisa abalandeli bawo ngokwethula kahle abadlali bawo abasha.  

“Kodwa engingakusho wukuthi laba badlali ababuyi kwiTS Galaxy ngesizini ezayo. Okunye ke ngicela ukukushiyela emaqenjini abo amasha. 

“Akgifuni ukubaphuca isasasa ngokuthi ngibamemezelele abadlali babo,” kuchaza uSukazi. UButhelezi yena usevele wavalelisa kuleli qembu. 

“Ngiyohlale ngilibonga ithuba leli qembu elinginike lona,” wabhala kanje uButhelezi kwiFacebook ebonga kwiTS Galaxy. 

“Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge umphathi uTim Sukazi noZiphozonke Hlubi ngokunginika leli thuba lokuba yingxenye yeqembu. 

“Ngibonga nokuthi banginike indawo egcine isiyikhaya kimi. Ngiphinde ngibonge kakhulu nakozakwethu.

FUNDA NALA: IMaritzburg isiwumkhoma, iSekhukhune izixebulele unozinti

“Bengingeke ngibe wutho ngaphandle kwabo. Ngibonge nethimba labaqeqeshi lonke ngethuba abanginikeza lona. 

“Nakubalandeli nje bebonke, ngiyabonga kakhulu,” kubhala lo nozinti odabuka eNquthu, KwaZulu-Natal.