Uncategorized

Isiphinde yagqabula ‘eWoolworths’ iDowns ilanda uRibeiro Costa

Njabulo Shezi

IMamelodi Sundowns isiqinisekise ukuthi isisayinise omunye umdlali okuthiwa useqophelweni eliphezulu, uLucas Ribeiro Costa waseBrazil. 

Lezi ziqhwaga zaseTshwane bezilokhu zikufihla ukuthi uzofika nini lo mdlali futhi zingakuqiniseisi nokuthi zimsayinile.

Kodwa ngoLwesine ntambama zibe sezizidedela izindaba zokuthi uCosta usethelekile kuleli. Ifake umbhalo kwiTwitter ohambisana nevidiyo yathi kunezindaba ezintsha ezenzekayo. 

“Izindaba zamaMasandawana, umsakazi wezemidlalo uLindiwe Dube unezindaba ezinstah eziphuma bukhoma e-O.R Tambo International Airport,” ibhale kanje iSundowns.

Kubonakale sekuqhamuka lo mdlali waseBrazil, uCosta, oneminyaka engu-24, okulindeleke ukuthi agqame kwiPSL nakwiCaf Champions League

Ngokubika kwabeARPost, uRibeiro Costa, odlala kwesokunxele esiswini utheleke eNingizimu Afrika ngo-4:40 ntambama ngoLwesibili waya ngqo eChloorkop. 

Ujoyine iSundowns esuka kwiSK Beveren yaseBelgium la abengomunye wabadlali abenza kahle. 

URibeiro Costa udlale imidlalo engu-43 kwiSK Beveren, washaya amagoli angu-12 futhi wakhela ozakwabo amathuba okushaya amagoli amahlandla angu-10. 

Udonse amehlo eSundowns ngemuva kokuhlohla amagoli angu-11 nokulekelela ayisishiyagalombili ngesizini edlule eBelgium.

“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha,” kusho uCosta kwividiyo efakwe yiSundowns ngesikhathi iqembu lamukela lo mdlali waseBrazil.

“Angisakwazi ukulinda ukudansela umsindo wesigubhu esihlanganisa isizwe esiphuzi (yellow nation),” kwengeza uRibeiro Costa.

FUNDA NALA: UVeronica Phewa uphosela iChiefs nePirates inselelo 

Udlale eBelgium iminyaka emine futhi kule emibili yokugcina ubekwiSK Beveren. Udlale kakhulu esigabeni sesibili.

Uzobhekisa amabombo eNorth West eRustenburg ukuyojoyina ozakwabo kwiSundowns la bezilungiselela khona isizini entsha.