EzakamuvaIbhola

Kuvela okwenze uKhama Billiat waduba kwiChiefs

Sihle Ngubo

IKaizer Chiefs seyiveze ukuthi uKhama Billiat ayimazi nokuthi ikuphi njengoba ilungiselela isizini entsha yeDStv Premiership ka-2023/24.

Ngokusho kweChiefs isafuna ahlale kuyona uBilliat njengoba ebekelwe inkontileka entsha nje, kodwa yena wavele wanyamalala.

“Ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe iqembu limnike inkontileka yokuthi aqhubeke nokudlalela iqembu uKhama Billiat,” kusho isitatimende seChiefs.

“Ubengakaze aphendule lutho ngalokhu esimbekele kona etafuleni. Ugcine ukubonakala eqenjini ngoJuni 29 kanti akayiphenduli ifoni nemiqhafazo athunyelelwa yona.

“Iqembu lisekhempini, lapho naye kumele ngabe ukhona, kodwa asimazi nokuthi ukuphi” kwengeza lesi sitatimende. 

UBilliat kuphele isizini elimele futhi ibisakhulunywa neyenkontileka yakhe entsha. Impempe ike yabika kuleli viki ngokuthi usalile lo mdlali ngesikhathi kuyiwa ekhempini eMpumalanga. 

Okuvelayo wukuthi ukubekwe yiChiefs etafuleni kulokhu akumenelisanga neze uKhama Billiat futhi ubone kungathi iqembu liyameyisa. 

Kuthiwa belifuna amukele ukuthi uzoncishiselwa imali ngohhafu kule abeyithola, bese nemigomo ithi ukuqina. 

Kwenzeka lokhu nje inkontileka abethenjiswe yona ngasekupheleni kwesizini beyingakusho lokhu kodwa bekungefanele. 

Kodwa ngemuva kokubhimba kwezinto ngasekupheleni kwesizini eqenjini, lifa yisimbambama, usihlalo wasukuma wazibambela mathupha. 

“Kulapho ke athi le nkontileka enikwe uKhama Billiat ayihoxiswe, uma abaqeqeshi besamdinga bayibuyekeze kabusha. 

“Uzokhumbula ukuthi lo mdlali walimala esadlale imizuzu emihlanu kade engeni emdlalweni wokugcina wesizini. 

“Lapho wayebuya ekulimaleni kwesikhathi eside iqembu elalichithe kukho izimali ezishisiwe limelapha ukuthi abe sesimweni esifanele,” kusho umthobo ocele ukungavezwa. 

FUNDA NALA: IChiefs ixebule uTebogo Potsane kwiRoyal AM elengelwa isigwebo

Kungenzeka ke uKhama Billiat avumbuke eTanzania la isikhulu seYoung Africans sakubeka kwacaca khona ukuthi singagxum simthathe uma eshiya kwiChiefs.