Nabi: Okwenza nganqaba ukuya kwiChiefs
Njabulo Shezi
UNasreddine Nabi wayeseze waqoka ukushiya umsebenzi wakhe kwiYoung Africans SC eTanzania ngoba wayesebheke ukuya kwiKaizer Chiefs.
Nokho izinto azihambanga ngendlela ayelindele ngayo. Izingxoxo zakhe neChiefs zavele zabhidlika esithubeni.
Lokhu, ngokubika kweMpempe, kwabangelwa wukukhuluma kwakhe kwabezindaba, eqinisekisa ukuthi uyaxoxa neChiefs into eyalicasula leli qembu.
IChiefs yabe seyiwunika uMolefi Ntseki lo msebenzi ongomunye wenzima kakhulu ebholeli lakuleli.
Manje uNasreddine Nabi usephumele obala wacacisa ngokwenzeka, eveza nokuphoxeka kwakhe ngokugcina engafikanga eNaturena.
“Bengifuna (iChiefs) inginike igunya lokuza okungenani namalungu amabili ethimba lami labaqeqeshi azongilekelela,” ucashunwe esho kanje uNasreddine Nabi kwiSports Arena.
“Kodwa-ke, bangitshela ukuthi banabo abantu abanezinkontileka neqembu, futhi ukubaxosha kuzolidla imali eningi iqembu.”
Laba ababili ngo-Arthur Zwane noDillon Sheppards abanezinkontileka ezisasalelwe yiminyaka emibili kuleli qembu.
“Kwaba yinselelo kimina ukuvuma, ngabona ukuthi ngeke bangisize nganquma ukubayeka.”
Le nkulumo kaNabi ikhomba ukuthi uZwane, owasayina inkontileka yeminyaka emithathu naleli qembu ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, ubengeke axoshwe.
Abalandeli abaphathekile kahle ngokuqokwa kukaNtseki njengoba babelindele uNabi noma omunye umqeqeshi onegama.
UNtseki noZwane, owehliselwe kwesokuba yiphini, kufanele baqale isizini ngegiya eliphezulu ukugwema ulaka lwabalandeli.
Khonamanjalo, iChiefs yethule abadlali bayo abayisithupha abasha ekuqaleni kwaleli viki njengoba iqale amalungiselelo esizini entsha.
Kulaba badlali kukhona izitobha ezimbili, uThatayaone Dithlokwe osuka kwiSuperSport United noGiven Msimango ophuma kwiTS Galaxy.
FUNDA NALA: UVictor Gomes uqokelwe esikhundleni esiphezulu kwiCaf
Kukhona nabasesiswini oMduduzi Mdantsane obekwiCape Town City, u-Edson Castillo ophuma eVenezuela, noPule Mmodi osuka kwiGolden Arrows.
Nomgadli uRanga Chivaviro naye kumanje usekhempini yamakhosi ngemuva kokufika esuka kwiMarumo Gallants.