Ithole ‘ibheyili’ iRoyal AM iCas ihoxisa isigwebo seFifa
Njabulo Shezi
Ifane nomuntu ophume ngebheyili iRoyal AM ngesikhathi iCourt of Artibtration for Sport (iCas) ikhippha isinqumo sokuthiiyasihoxisa isigwebo sayo.
Lezi zindaba zivele ngoLwesibili ntambama. Lokhu kuzokwenza leli qembu elizinze eMgungundlovu likwazi ukuqinisa isikwati salo ngaphambi kwesizini ezayo.
ICas, esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili ntambama, imemezele ukumiswa ngokushesha kokuvinjelwa kweRoyal AM ukusayina abadlali ebeyigwetshwe ngakho yiFifa.
Leli qembu lafaka lolu daba kule nkantolo yamazwe ngamazwe ngemuva kokutholakala linecala ngokunqamula ngokungeyikho inkontileka kaSamir Nurkovic.
Labe seliyalelwa ukuthi limkhokhele isamba esikhulu sika-R12 million, esihlanganisa zonke izindleko zecala.
Kodwa-ke, iRoyal AM ibilokhu imile kwelokuthi iFifa ibicubungule uhlangothi lukaNurkovic kuphela kuleli cala, nokuholele ekutheni kube nokuningi okungaqondile kulo.
Ummeli weRoyal AM, uLeruma Thobejane, ubelokhu ekuveza lokhu kushayisana, nokwenze ikilabhu yalidlulisela kwiCas lolu daba lwayo.
Ngenxa yalokho, iCas isisheshe yakuhovisa ukuvinjelwa kwayo ekutheni isayinise abadlali kuze kube ikhokha le mali.
Ithi isigwebo sizohoxa ngesikhathi udaba lusasetshenzwa ngabahluleli bayo. “Isaziso seCas: Ukumiswa kokuvinjelwa kokudluliselwa kweRoyal AM FC/uSamir Nurkovic/Fifa,” sifundeka kanje lesi sitatimende.
“NgoLwesibili mhla ka-11 kuJulayi 2023, i-Cas yazise iRoyal AM FC, uSamir Nurkovic neFifa ukuthi iCas isiqale ukubhekwa kwesikhalazo esifakwe yiRoyal AM FC iphikisana nezinqumo ezikhishwe yiFifa.”
FUNDA NALA: Usola iChiefs ‘ngoncisha’ uBilliat ithuba uHlompho Kekana
Lokhu kuphenduka kwezinto kufake kunika iRoyal AM igunya lokuqhubeka nokusayina abadlali kuze kube luyaphothulwa kule nkantolo udaba.