USibisi ufuna iBucs iyivale ngegiya eliphezulu ikhempu yaseSpain
Sbongs Gumbi
Ikhempu yaseSpain ye-Orlando Pirates isabe yinhle kakhulu futhi kubukeka leli qembu lihlangana kahle futhi likhomba ukuthi lizoba yingozi ngesizini ezayo.
Kule khempu leli qembu laseSoweto belihlelelwe ukudlala imidlalo emithathu yokuzihlola namaqembu aqhamuka emazweni ehlukene.
Seliyidlalile emibili kanti liyinqobile. Lishaye amagoli amane, langenelwa elilodwa kanti lokhu kumfaka umfutho uNkosinathi Sibisi.
Lo mdlali wasemuva uthi le khempu yaseSpain isahamba kahle futhi bayakubona abebekuzele ukuthi kuyahlangana impela.
“Ikhempu isahamba kahle kakhulu. Sithole ithuba lokusondelana njengeqembu, sathola nethuba lokwazana kangcono nabadlali abasha,” kusho uSibisi.
“Sizijwayeza nendlela umqeqeshi afuna sidlale ngayo. Ngicabanga ukuthi le khempu yinhle yize sisebenza ngaphansi kwamazinga okushisa aphezulu.”
IPirates yashaya iMaccabi Tel Aviv yase-Israel ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala wokuzizwa amandla kule khempu yaseSpain ngeviki elidlule.
Ilandele nge-Indipendiente yase-Ecuador ngo 3-1 emdlalweni eyasheshe yalandela ngemuva kuwo.
“Umdlalo wethu neMaccabi bewunzima kakhulu. Bayiqembu elihle futhi elinendlela yokudlala okunzima ukumelana nayo.
“Kodwa ngenhlanhla salishaya kuqala igoli futhi sakwazi ukubavimba bengalitholi igoli, okuyinto enhle kithi.
“Umdlalo wesibili sibhekene ne-Indipendiente wawumuhle nawo futhi ozakwethu badlala kahle kakhulu.
“Sabuya kade sesilandela ngemuva okukhombisa intshisekelo esinayo yokunqoba. Kumele sikhombise intshisekelo efanayo nasemdlalweni wokugcina neLes Palmas.
“Nginethemba lokuthi sizokwenza lokho futhi sithole umphumela omuhle,” kuchaza uSibisi ofike kwiPirates esuka kwiGolden Arrows ekuqaleni kwesizini edlule.
FUNDA NALA: ISundowns seyimtholile uMaseko, ivala ngemfuna kwiRoyal AM
Manje iPirates izovala le khempu ngomdlalo wokuzwana amandla neLas Palmas yaseSpain esanda kukhushulelwa kwiLa Liga.