EzakamuvaIbhola

UMlungisi Ngubane usola Usuthu ngokuziba ukuthenga abadlali

Alfred Ngubane

UMlungisi “Professor” Ngubane  ukhala ngaMaZulu FC awasola ngokugodola nemali njengoba eziba eyokungena emakethe athenge abadlali.

Usuthu luzithulele nje njengoba amaqembu ethenga abadlali ubuthaphuthaphu, eqinisela isizini ezayo. 

Yikho lokhu okuxaka uMlungisi Ngubane oyinkakha yebhola kuleli futhi oke waqeqesha ezigabeni ezikhokhelayo. 

“Ngizibuza umbuzo wokuthi bazoqhamukaphi abadlali abazothengwa yileli qembu njengoba mina angisaboni mdlali onohlonzo osele emakethe. 

“Uma ngabe uqasha umqeqeshi, umtholela abadlali abanohlonzo,” kusho uMlungisi Ngubane. Uthi Usuthu lwenza okungajwayelekile.

“Manje bona baqinisa kubaqeqeshi, bakhohliwe abadlali okumele lowo mqeqeshi abaqeqeshe.

“Kumanje AmaZulu alande umqeqeshi nephini lakhe eSpain kodwa abadlali abekho,” kwengeza le nkakha. 

Uthi uma AmaZulu engasheshi ajike ukwenza, azogcina ngokufisa ukuba yiqembu elilwela izindebe ngoba lokho kudinga abadlali abasezingeni elifanele.

“Njengoba amaqembu ephuma engena emakethe, bona baphi abadlali abathengiwe?

“Ngisho uBenni McCarthy (oke waqeqesha AmaZulu) wake wakhala wathi abadlali abasezingeni elifanelekile abekho kuMaZulu.

“Ngibona ukuthi lesi sililo sisazoqhubeka njalo ngoba singumkhokha wangempela ongavaleki,” kuchaza umfo kaMbovu. 

Ufakele inselelo umengameli woSuthu uSandile Zungu ukuthi angagcini ngokukhuluma ngezifiso, kodwa akenze okuzokwenza zifezeke. 

“UZungu uhlale ekhuluma kinina abezindaba ethi ufuna ukunqoba izindebe, ancintisane namaqembu amakhulu. 

“Kodwa kumanje abadlali sebeze baphela, bathathwe amaqembu afana noKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns, iSuper Sport United neChippa United… 

“Uma ngabe ufuna ukunqoba izindebe kumele ushaye iphakethe, ungene emakethe uthenge abadlali abanohlonzo ozolwa ngabo nawe uzidelise.

FUNDA NALA: UDumisani Zuma ‘ohluphayo’ usethole ikhaya elisha kwiSwallows

“Uzolwa ngani ke uma ungenabo abadlali abanohlonzo? Ngeke uthole nesisodwa isicoco ebholeni. Uyogcina ngakho ukumaketha iqembu kwabezindaba.”