EzakamuvaIbhola

UPule: IBafana izichithela isizungu ngokudlala neNamibia

Njabulo Shezi

Owayeyisiskhwishikhwishi eznkunzini zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uJabu “uPule” Mahlangu uthi iBafana Bafana isuke izichithela isizungu uma idlala namazwe afana neNamibia. 

Ngokubona kwakhe, ufisa iBafana ibhekane namaqembu aqinile kunayo uma inemidlalo yokuzwana amandla ukuze ikhule, iqine. 

“NguMgqibelo ntambama, ngiqeda ukubukea umdlalo weBafana Bafana,” kusho uPule kwividiyo ayifake kwi-Instagram. 

“Akukubi kakhulu yazi. Ngiyazi ukuthi besidlala neNamibia, futhi ayikho into esizoyifunda kuyo. 

“Kodwa ke ngoba umqeqeshi (uHugo Broos) uthi usakha, mina angazi futhi angifuni ukuzingena lezo. 

“Mina ngibambe lelo nje. Usakha. Kodwa izintwana zethu zona zimnandi yize zisashoda ngokuningi. 

“Futhi singakadlali namaqembu aqinile emidlalweni yokuzwana amandla ngeke siye ndawo. 

“Lezi zintwana zaseNamibia ezinye zazo zidlala kuleli – kwi-Orlando Pirates, Golden Arrows namanye amaqembu. 

“Abanye babo badlala kwi-PSL kuleli. Lokho kusho ukuthi asithuthuki njengeqembu lesizwe ngokudlala nabo, ngokubona kwami. 

“Kodwa abafana angifuni ukubagxeka, ngizobanika ithuba,” kuchaza le nsizwa eyayinethalente elimangalisayo. 

UPule uphinde wabeka nombono nangodaba olusematheni lokungahanjelwa kwemidlalo yeBafana eGoli. 

“Kodwa ke sonke sizibonele ukuthi imidlalo yeqembu lesizwe akumele iphinde ize ngapha eGauteng. 

“Abantu baseGoli bamatasa ngezimpelasonto abasenaso isikhathi. Simatasa ngezinye izinto, isikhathi sokuya enkundleni asikho.  

“Mhlawumbe bazoyijabulela kangcono kwezinye izifundazwe iBafana,” kusho uPule owake wathi qu naphesheya kodwa washeshe wabuya ngenxa yamankwebevu. 

Izibalo zabalandeli emidlalweni emibili yeBafana ebise-Orlando Stadium azigculisanga neze.

FUNDA NALA: Usaqaqanjelwa yinhliziyo uRamaG ngokushiselwa indlu 

IBafana idlale ngokulingana neNamibia ngoMgqibelo, yabe seyishaya iDemocratic Republic of Congo ngo 1-0 ngoLwesibili.