CAF Champions LeagueEzakamuva

U-Ofori uncoma iPirates ngokudlala ngathi isekhaya eComoros

Njabulo Shezi

I-Orlando Pirates, ngokusho kukaRichard Ofori, idlale ngendlela efanayo nehlezi idlala ngayo uma ise-Orlando Stadium ngesikhathi iseComoros emdlalweni weCaf Champions League. 

Kulo mdlalo wangoMgqibelo, Ezimnyama bezibhekene neDjabal Club kanti zidlule ngo 1-0 yize amagoli bekumele abe maningi kunalokho ngokwamathuba eziwatholile.

Igoli lingene la beyingaxoleleka iPirates uma ikwamukela ukubuya idlale ngokulingana naleli qembu. 

Kodwa uZakhele Lepasa, ongene umdlalo usuyophela, unqabile ukuthi babuye benganqobanga eshaya igoli umdlalo usuyophela. 

Leli goli liqinisekise ukuthi iBucs izibeka ethubeni elingcono lokudlulela phambili.

Bekubhoke unozinti weDjabal obevimba kwasani ebheke ngakuye. Nokushweba okumangazayo kwabeBucs bekumsiza. 

U-Ofori, obedlala okokuqala kusukela ngo-Okthoba nyakenye, ujabule ngendlela abamelane ngayo nezimo zasekuhambeni. 

“Sidlale kahle. Sidlale sengathi sidlala ekhaya. Sakhe inqwaba yamathuba futhi sikwazile ukunqoba ngegoli likaZakhele. 

“Ngingakusho nje ukuthi ukunqoba okubalulekile lokhu ngoba basithwalise kanzima,” kusho u-Ofori ngemuva komdlalo.  

“Ngokujwayelekile uma udlala emdlalweni ofana nalona ekuhambeni, kuyaye kuthi emizuzwini embalwa yokugcina bakucindezele. 

“Kodwa ngibonga uMdali ukuthi ngikwazile ukwenza obekufanele ngikwenze ukusiza iqembu linqobe lapha.”

IPirates sekumele iqedele umsebenzi ekhaya e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa. 

Yize idinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ukuze idlulele esigabeni esilandelayo kwiChampions League, kodwa kubhekwe ilibhubhise leli qmebu ekhaya.

Ngesikhathi idlala naleli qembu kuwo lo mqhudelwano ngesizini ka-2012/13, iPirates yalibhabhadisa ngo 9-0 sekuhlanganiswe imiphumela. 

FUNDA NALA: UMsimango weChiefs akumtatazelisi ukubhekana ne-TS Galaxy

Khonamanjalo, umdlalo wePirates obekumele iwudlale nomkhaya bayo baseSoweto, iMoroka Swallows ngoLwesibili sewuhlehlisiwe. 

Lokhu kwenzelwe ukunika iPirates ithuba elanele lokulungiselela umdlalo wayo womlenze wesibili neDjabal.