Kulandwa abadlali abazoxazulula eyamagoli kwiChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs inengcindezi enkulu yokusayinisa abadlali abazoshintsha izinto eqenjini njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Phakathi kwezinkinga ezibhekene neChiefs sekuhlalukile ukuthi ikuthola kunzima ukushaya amagoli yize yakha inqwaba yamathuba emidlalweni esayidlalile.
IChiefs iyona ehamba phambili ngokukhahlelela ipali selokhu kuqale isizini. Nokho konke lokho akunawo umthelela omuhle njengoba amabhola amaningi engapheleli enethini.
Ezivela eNaturena zithi Amakhosi ayazama ukushintsha izinto njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali futhi kukhona nabadlali abangase badedelwe.
UNaledi Hlongwane oqhulula amagoli kwiDStv Diski Challenge angase akhushulelwe eqenjini elikhulu ukuze kuqedwe indlala yamagoli. UHlongwane ushaye amagoli amabili ngesikhathi iChiefs ibhaxabula iTS Galaxy ngo 4-1 emdlalweni weDiski Challenge ngoMgqibelo.
Lo mdlali ubekhona eqenjini iCarling All-Star elishaye iMagesi FC emdlalweni weCarling Black Label Cup e-Orlando Stadium, ngoDisemba 21.
Okunye okuvelayo ukuthi iChiefs izodedela uChristian Saile ukuze kuvuleke isikhala somdlali wangaphandle. USaile waseCongo angase abolekiswe kwiChippa United.
Amakhosi awakalilahli ithemba ngokuthola u-Oswin Appollis wePolokwane City. Lo mdlali weBafana Bafana usemataniswe neChiefs isikhathi eside kodwa kuyavela ukuthi ne-Orlando Pirates iyamfuna.
Sekuke kwavela nokuthi iChiefs ihlola injini yaseZambia ekwazi ukudlala kunombolo 6, u-8 no-10. Leli qembu laseNaturena libukeka lingaqinile kahle esiswini lapho kudlala khona ukaputeni uYusuf Maart noSibongiseni Mthethwa.