UMokwena ukhale ngokuba yinhlekisa iSundowns iwasha ijezi
Ubiike imbiba, wabika ibunzi kodwa wathi ngalokho akenzi izaba umqeqeshi weMamelodi Sundowns esegilwe yiTS Galaxy imwashisa ijezi kwiCarling Knockout Cup.
ISundowns ihlulwe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, ishaywa yiTS Galaxy emdlalweni obuseMbombela Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.
UMokwena ukhale ngokudlaliswa bengakabuyi abanye babadlali abangumgogodla weqembu lakhe abebekwiBafana Bafana.
Ukhale kakhulu noRonwen Williams, Khuliso Mudau noTeboho Mokoena abebekwiBafana.
ISundowns idlale ngoLwesithathu ngoba kwenzelwa ukuthi isheshe ihambe iye e-Angoa la iyodlala khona i-African Football League.
“Kumele ngibe nokuzithoba ngokuthi ngiqale ngokubongela iTS Galaxy ngokudlulela phambili,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.
“Bese ngithatha ithuba ukubonga abadlali beSundowns ngokulwa yize isimo besinzima. Senze amaphutha amathathu amakhulu, basidla ngawo.
“Ngibatshelile ngaphambi kokukhahlelwa kwamaphenathi ukuthi uma becabanga ukuthi ngibathanda ngo-100%, namhlanje kumele bazi ukuthi ngibathanda ngo-200%.”
ISundowns ibuye kade seyilandela emuva ngo 2-0 kulo mdlalo, wagcina uphele zibambene. UMokwena uthi akusasho lutho ukuthi babuye kade sebelandela ngemuva.
“Akusisizanga. Kodwa ke ubani onendaba nokuthi udlala usulandela ngemuva ngamagoli amabili futhi usushoda nangomdlali oyedwa?
“Ubani onendaba nokuthi udlala ngosuku ngemuva kwekhefu leFifa? Awungitshele ukuthi likhona yini elinye iqembu – emhlabeni jikelele – elidlala ngosuku lokuqala ngemuva kwekhefu leFifa?
“Ubani onendaba nokuthi besingenaye umdlali obevelele ngesizini edlule (uMokoena), ubani onendaba nokuthi unozinti wonyaka (uWilliams) ubengekho?
“Ubani onendaba nokuthi besingenaso isitobha sonyaka (uKhuliso Mudau). Ubani vele onendaba…
“Abantu bazothi ngenza izaba futhi bazokujabulela basihleke ngalokhu kuqhuzuka kwethu, kodwa akunankinga ngoba singabantu siyahlela, bese uMdali anqume.
“Uma uMdali enquma ukuthi akumele sinqobe, ngicabanga ukuthi njengomunye wezingane zakhe, kumele ngimethembe.”
ISundowns ibiwulawula umdlalo
ISundowns yiyo ebiphethe umdlalo kodwa kube yiGalaxy elithola kuqala igoli neliqhamuke ngonyawo lukaSphiwe Mahlangu ngomzuzu ka-12.
Kuthe isamangazwe yilokho iSundowns, kwaqhamuka uMlungisi Mbunjane ozithole engamakiwe ebhokisini leGalaxy kade kuyokhona.
Ube eselingqofela enethini kwaba ngu 2-0, into ebingabhekwe muntu. Kuze kwayiwa ekhefini kuseyiyo iRockets ehamba phambili.
Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili iBrazillians ilitholile elilodwa nokube yigoli elishaywe uMarcelo Allende ngomzuzu ka-57.
Kodwa ithe isajabulela lelo goli, uBongani Zungu waphuma ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uBernard Parker.
Kuthe la iGalaxy isizitshela ukuthi isiqedile ngeSundowns, wanqaba uGaston Sirino obengene esuka ebhentshini ngaso isiwombe sesibili.
Lo mdlali obenezinkinga neqembu futhi obekuthiwa uyahamba, ushaye igoli lokulinganisa sekulindwe ukuthi unompempe aqede umdlalo.
FUNDA NALA: IRoyal AM izodlelwa impahla ngesikweletu sentela
Nesikhathi esengeziwe siphele ingekho egoba uphondo, kwayiwa phansi kwepali la indaba ifike yaphelela khona.