UNtseki uveza okumlalisa obenyoni ngeChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uyazi kahle inselelo ebhekene neqembu lakhe ekushayeni amagoli.
Kodwa-ke, akakuxwayi futhi uyakulungisa lokhu ukuze aqinisekise ukuthi iqembu lakhe liyakwazi ukuwasebenzisa amathuba eliwakhayo emidlalweni ezayo.
Futhi njengoba iqala umkhankaso wayo weCarling Knockout Cup, iChiefs izodinga ukuyithola ngokushesha ifomu yayo yokushaya amagoli.
Esigabeni sokuqala salo mqhudelwano, iChiefs izobhekana naMaZulu FC e-FNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
Ukushaya amagoli yinto okuyifanele iChiefs ukuz eibe nethuba lokuphinde izame ukuqeda indlala yezindebe eNaturena.
“Ngicabanga ukuthi ukushaya amagoli kuyinkinga esinayo,” kuvuma uNtseki kuleli sonto. Ubekhuluma ngaphambi komdlalo wangempelasonto.
“Akukhona ngasohlangothini lokuqeqesheka nje kuphela, ikakhulukazi, uma kukhulunywa ngokuhlasela nokushaya amagoli. Idinga ukusetshenzwa komqondo,” kusho uNtseki.
“Sihlale sikhuluma ngokungatatazeli uma uthola ithuba. Umbuzo uzothi, kuyini khona ukungatatazeli lokho? Futhi kunini la kumele ungatatazeli khona?
“Uma ubheka manje, uma sigeja igoli elilodwa sikhathazeka kakhulu ngokuthi singase siqeje namanye amaningi bese sigcine sesigeje amaningi ngampela,” kuchaza uNtseki.
“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi okubalulekile wukuthi abadlali baqonde ukuthi amathuba aqhamuka ezinhlangothini ezahlukene emdlalweni.
“Kungaba yithuba eliqhamuka ngomyakazo, kungaba yithuba eliqhamuka ngebhola elibekwe phansi, kungaba eliqhamuka ubhekane ngqo nonozinti…”
UNtseki uthi uzobe eshumayela ukuthi kungabi khona umdlali ogcina esezicindezela ngoba ebona kuwumsebenzi wakhe ukushaya amagoli.
“Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi sihlanganyele, sithwalisane umthwalo wokushaya amagoli.
FUNDA NALA: UKomphela weseka uParker ophehlezwe umlenze
“Ukuqedela aamathuba nokushaya amagoli yinto esisebenza kanzima ukuyilungisa ngayo ikakhulukazi kubadlali bethu baphambili.”