EzakamuvaIbhola

Usengu‘Dokotela’ noDesree Ellis weBanyana

Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uhlonishwe ngeziqu zobudokotela zeSports Management, eCape Peninsula University of Technology (CPUT).

Kulesi sikhathi sonyaka abantu abaningi bagqoka amajazi, futhi bavela ezinkundleni zokuxhumana bejabule.

Akasalanga no-Ellis, osewine isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations neBanyana Banyana, waphinde waphuma kwiLast 16 yeNdebe yoMhlaba ka-2023, ebiseNew Zealand nase-Australia.

IBanyana yenza kahle kakhulu ngaphansi kuka-Ellis, yize isanda kuhluleka ukuzibekisela indawo kuma-Olympic, azokuba seParis ngasekupheleni konyaka. 

Ishaywe yiNigeria ngo 1-0 emidlalweni yokugcina yokuhlunga.

Muva nje kusanda kuqubuka umsindo ngokuhlonishwa koqweqwe lomlingisi, uSello Maake KaNcube, ngeziqu zobudokotela.

Lo mlingisi ugcwale ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuhlonishwa yiTrinity International Bible University, emasontweni edlule.

Nokho kube nebohlololo uNgqongqoshe weZemfundo eNingizimu Afrika, uBlade Nzimande, esevela nokuthi le nyuvesi ayinayo imvume yokwenza lokho.

“Sesike sayibhalela iTrinity International Bible University phambilini, sayexwayisa ngokuqhubeka isebenza ngokungekho emthethweni,” ucashunwe esho kanje uNzimande.

“Siphinde sacela uMkhandlu weMfundo ePhakeme ukuthi usihole ekutheni iziqu zokuhlonipha abantu zikhishwa kanjani nawubani.”

Omunye osanda kuhlonishwa ngendondo iHeroines Award, uShauwn “MaMkhize” Mkhize ongusihlalo weRoyal AM, ngegalelo lakhe njengowesifazane kweZemidlalo.