EzakamuvaIbhola

Bazophumela obala ngobutabane abadlali bebhola

Kunabadlali bebhola abahlela ukuphumela obala ngokuthandana nabobulili obufanayo ngenyanga ezayo, abathi sebekhathele ukuzifihla.

Ngokombiko wephephandaba laseGermany oshicilelwe yiGibela Sport kuleli, kunethimba labadlali elihlela ukuphumela obala ngosuku olulodwa – ngoMeyi 17.

Lokhu bazokwenza njengengxenye yohlelo oluqhubekayo emhlabeni, lokugqugquzela lolu hlobo lwempilo.

Sekunesikhathi amaqembu eBundesliga eseka uhlelo olwaqalwa wuMarcus Urban, owaphumela obala ngobutabane ngesikhathi esadlala ibhola.

Kuphushwa lolu hlobo lwempilo nje, kuzokhumbuleka ukuthi kunabadlali abagxekiwe ngokujoyina iSaudi Pro League, ngoba inkolo yamazwe ama-Muslim ayihambisani futhi ayibugqugquzeli ubutabani. Empeleni nje buyicala.

Owayengumdlali weLiverpool, uJordan Henderson, ugxekwe kakhulu ngesikhathi ejoyina i-Al Ettifaq egijima kwiSaudi Pro League. 

Ukugxekwa kwakhe kwalandela ukugxekwa kukaSteven Gerrard naye owathatha umsebenzi wokuqeqesha kuleli qembu.

Njengamanje amazwe ase-Europe ne-USA, agqugquzela ukuthi bamukelwe abantu abaphila le mpilo emazweni ehlukene. 

Bake bazama nakwamanye amazwe ase-Afrika angazwani nobutabani kodwa akuhambanga kahle njengoba bechithiwe.

Umbuzo osalayo ukuthi ngabe abadlali bebhola baseNingizimu Afrika bazosika iphethini yini kulokhu, nabo baphumele obala ngokuba yizitabane.