UPitso umjabulele uMokwena ngokuqinisa kakhulu iSundowns
Uyavuma uPitso Mosimane ukuthi iMamelodi Sundowns seyinyukele ezingeni elingcono kunayishiya ikulo ngaphansi kukaRulani Mokwena.
ISundowns icoboshisa kwasani, ikakhulukazi emidlalweni yeDStv Premiership kanti kumanje inqobe lesi sicoco isasalelwe yimidlalo eyisithupha.
Inqobe neCaf African Football League kanti ikowamanqamu kwiNedbank Cup okungenza iqede nezindebe ezintathu uma iyinqoba.
Nokho kuzomele izibambe ziqine njengoba izobhekana ne-Orlando Pirates engazibheki izindebe ngaphansi kukaJose Riveiro.
Ephendula umlandeli kwi-X (ebiyaziwa ngeTwitter), lo mqeqeshi ozinze eSaudi Arabia, uvume amagalelo abalulekile oManqoba Mngqitho noMokwena.
Ubalule impumelelo yabo ekwenzeni ngcono iqembu nokwephula amarekhodi.
“Balithuthukisile iqembu futhi balibeke ezingeni elingcono,” kubhala uPitso.
“Ngaphezu kwalokho, baphinde baphula amarekhodi. Kufanele sibanikeze udumo olubafanele.
“Ngiyajabula ukuthi bakhombisa ukuthi isinqumo sami sasilungile.”
Isinqumo akhuluma ngaso ngesokushiya iSundowns ngesikhathi eyojoyina i-Al Ahly.
FUNDA NALA: Usezama eceleni umgadli ophelelwe yindawo kwiBucs
Nokho kusanda kuvela ukuthi uPitso wayefuna ukuhamba noMokwena futhi naye esevumile kodwa wajika sekumele kuhanjwe.