EzakamuvaIbhola

IPirates ‘ifuna” imali ebhekile kwabafuna isihlabani sayo

I-Orlando Pirates isikwamukele ukuthi ngeke ikwazi ukuchitha izesheli ezifuna omunye wezihlabani zayo isikhathi eside.

Futhi leli qembu selizimisele ukumdayisa lo mdlali – kodwa uma kuzobekwa imali ebhekile etafuleni. 

Ngokusho kwemeneja yabadlali bebhola, uBraden Proctor kwiSoccerLaduma, uRelebohile Mofokeng uzoba ngumdlali wakamuva ukuphuma kuleli ayodlala ngaphandle. 

Kungenzeka ke ayozama e-Europe noma kwelinye izwe e-Afrika. Kunamahlebezi okuthi izikhondlakhondla zaseScotland iGlasgow Celtic, iRB Salzburg yase-Austria ne-Al Ahly yase-Egypt bayamfuna lo mdlali. 

UMofokeng uke wayohlolwa eqenjini le-English Premier League iWolverhampton Wanderers. 

I-Orlando Pirates isiyazi ukuthi ngeke kugwemeke ukudedela lo mdlali, kodwa isamile ekutheni izimisele ngokuxoxisana. 

Nokho kuvela ukuthi iPirates ayikakakulungeli ukumdedela ngaphandle kokuthi kube neqembu elifika nemali engayilinga. 

“UMofokeng udlala kakhulu kwi-Orlando Pirates, futhi iqembu limbona njengomdlali onekusasa elihle neqembu. 

“Phambilini nomqeqeshi ukhulume kakhulu ngaye, futhi bayazi ukuthi amanye amakilabhu ayamfisa.

“Kodwa okwamanje uyingxenye yeqembu, futhi ifuna ukumgcina. Yebo, awukwazi ukuqagula ikusasa, kodwa okwamanje, uMofokeng ungumdlali wePirates.”

URelebohile Mofokeng oneminyaka engu-19 usengomunye wabadlali ababalulekile eqenjini lokuqala kwiPirates.