EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi uncoma isibindi sikaLyle Foster weBafana

ULyle Foster usenconywe ngokuba nesibindi ngokuphumela kwakhe obala ngesifo sengqondo ake wabhekana naso ngasekuqaleni kwesizini.

Lo mgadli weBafana Bafana neBurnely esanda kudliwa yizembe kwi-English Premier League, waphumela obala ngalesi sifo.

Umqeqeshi wakhe kwiBurnely, uVincent Kompany ubona lokhu kuphumela obala kukaLyle Foster njengento ekhomba isibindi esikhulu. 

“Ngicabanga ukuthi lokhu okwenziwa uLyle yinto enamandla kakhu,” kusho uKompany kwiPremier League Inside Matters.

“Ukukhuluma kwakhe ngalento, nokuthi asivumele sikhulume ngayo yinto enkulu kabi leyo. 

“Indlela abhekane ngayo nalesi simo ikhombisa ukukhula okukhulu ngokomqondo njengoba esemncane kanjena nje.

“Ngicabanga ukuthi sonke kukhona esikufundile ngokuba naye kulesi simo abebhekene naso. 

“Into enzima ebholeni wukuthi kunezinkinga eziningi ngakho abadlali babekana nezinselelo ngokwengqondo ngenxa yencindezi yalo msebenzi.

“Ngenxa yengcindezi yokuba ngumdlali webhola nokuthi kusho ukuthini lokhu.

“Kwesinye isikhathi akubi ngabalandeli, kungaba wumndeni, kungaba yizwe lakho noma lapho uzalwa khona, kungaba nayizinkundla zokuxhumana.

“Kuphinde kube nengcindezi yokwenza kahle, ukuncintisana (kwezindawo eqenjini).

“Kodwa ngaso leso sikhathi yinto abathandayo ukuyenza (ukudlala ibhola)… 

“Ukwakha isimo la laba badlali bezokwazi ukubona ibhola njengento ebathokozisayo, eyisisombululo, ubasuse kulesi simo esingesihle abakuso, kimi kube yisifundo esikhulu.

“ULyle ungisize kakhulu ukuqonda ukuthi umeseka kanjani umdlali uma ebhekene nesimo esithile.”

ULyle Foster usolwe kakhulu ngabalandeli kuleli kulandela ukunqaba kwakhe ukuya kwiCaf Africa Cup of Nations neBafana.

IBurnely yakuveza ukuthi isadinga ahlale endaweni ayijwayele njengoba ebesagadwe wodokotela ukuthi welulama kanjani.

Kodwa kuleli lokho akwehlanga kahle, kwathathwa ngokuthi uzibona engcono. 

Kuthe noma seyidliwa yizembe iBurnely, kwaba khona abagiyayo bethi uyalunga uFoster ngoba waqhenyela iBafana.