Uncategorized

Injabulo icisho yaphenduka usizi kuLundi United

Kucisho kwavalwa ngehlahla eqenjini Ulundi United kulandela ukuba sengozini kwemoto ebihamba abadlali balo.

Leli qembu beliphuma emidlalweni yokuhlunga eNorthdale, lapho libe nohambo oluhle njengoba linyukele kwi-ABC Motsepe League.

Nokho libe nenhlanhla ukuthi kuthinteke abadlali abane kuphela futhi nakubona akukubi kakhulu.

Usihlalo weqembu, uSanele Hlongwa, uthe ubengakulindele ukuthi banyukele kwi-ABC Motsepe League manje.

“Ngeke ngiqambe amanga ngijabule kakhulu kodwa futhi ngethukile,” kusho uHlongwa.

“Ngiye ngibone phela ebholeni, iqembu siliqale kulo nyaka kodwa sesikwazi ukuthi sinyukele kwi-ABC League.” 

Uthe ngokwakhe ubengafuni ukutatazela eze mawala ngoba ibhola ulazi kahle ukuthi linjani. Nokho ukungafuhleki kwakhe kuthele izithelo ezinhle njengoba ngesizini ezayo bezobe belwela ukunyukela kwiMotsepe Foundation Championship.

Kumele babonge nokho ukuthi injabulo ayizange iphenduke izinyembezi njengoba bezithole besengozini ngemuva kwezindaba ezijabulisayo zokwenyukela esigabeni esingenhla.