Ibhola

Ngabe uMokoena angamlandela uMokwena ngokushiya iDowns?

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns ibukeka izoqala kabusha njengoba ilungiselela isizini ezayo ka-2024/2025, kulandela uhamba kwabaningi abebekhona ngesizini edlule.

Sekuyinto esicisho iqinisekiswe ukuthi uRulani Mokwena useshiyile kuleli qembu laseChloorkop, ngemuva kokungezwani neSporting Director, uFlemming Berg. Akahambanga yedwa kodwa obeyiphini lakhe uMichael Loftman, ne-Analyst uDayle Solomon, nabo babambe abeza ngayo.

Ukushintsha kwezinto kwiDowns akugcini ngoMokwena nabasizi bakhe. Kuhambe nabadlali, uBongani Zungu, uBrian Onyango, uGaston Sirino noThabiso Kutumela. UJunior Mendieta angase angabuyeli eqenjini naye njengoba kuvele ukuthi uzisholo yena ukuthi ulibangise eGreece.

Maningi amathuba okuthi uTeboho Mokoena naye ayishiye iSundowns. Lo mdlali kuvele ukuthi ufunwa amaqembu amaningi aphesheya ngemuva kokushaya into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations, e-Ivory Coast, ekuqaleni konyaka.

Namanje isekhona imibiko yokuthi uMokoena akhona amaqembu anginayo e-Europe. Empeleni kuthiwa kukuyena lo mdlali ukuthi uya kuyiphi iligi ngoba maningi amaqembu ambhekile.

Lokhu kuyishiya inezikhala eziningi iSundowns okumele izivale ngaphambi kokuthi kuqale isizini. Okwamanje kuleli qembu kuzobamba uManqoba Mngqithi njengomqeqeshi, kuze kucace ukuthi ubani ovala isikhala sikaMokwena.

Izimbangi zeSundowns zingabuka lokhu njengethuba elihle lokuyiketula njengoba izinto zimapeketwane kuyona. Kuzohlaluka uma kuqala isizini ukuthi ukuhamba kwabantu abayisishiyagalombili (abangagcina beyisishiyagalolunye) kuzoba namuphi umthelela kompetha beligi.