Ingosi

UMBONO: Isitha sikaRulani Mokwena uyena uqobo, hhayi omunye umuntu 

SIHLE NGUBO

URulani Mokwena ungumqeqeshi ozohlale ehlonishwa eNingizimu Afrika ngamagalelo akhe kwiMamelodi Sundowns – lokho akungatshazwa.

Njengoba kuvela ukuthi lo mqeqeshi uyalishiya, noma uselishiyile vele iqembu, kuyizindaba ebezingalindelwe nezishiya imibuzo ngokuthi konakale kuphi. Mhlawumbe akukuhle futhi akusizi ukuthatha konke okushiwoyo bese sivele sahlulele, siqalekise kube sengathi sinalo lonke ulwazi ngokwenzekile.

Ngiyimina nje ngiyamhlonipha uSunshine, njengoba ebizwa kanjalo umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic, ngokuthi ufike uPitso Mosimane esembe isiza, wafaka ukhonkolo oqinile, wayiqala indlu – wase ekhuphuka nayo ngaphandle kokugwemba (uRulani).

Umuntu ozethembayo kwakwenzayo,  ukhuluma ngaphandle kokungabaza, uzishaya isifuba, aphinde abukeke njengomuntu ozigqajayo nowaziyo ukuthi yena uyayazi into yakhe. Konke lokhu uyakuthola kuMokwena futhi ayikho nencane inkinga ngakho.

Mhlawumbe konakala uma ukuzigqaja nokuzethemba sekwenza umuntu angafuni ukulalela abanye abantu. Ukuphumelela nokunconywa kuyamenza omunye umuntu agcine esephakeme ngokweqile, eyibukela phansi imibono yabanye abantu.

Bengithe angifune kona ukuphawula sengathi ngazi konke ngokuthi isusane kuphi phakathi kuMokwena noFlemming Berg, oyiTechnical Director yeSundowns. Sizwa lokhu esikuzwayo kuputshuka ngemifantu, kuphuma ezakhiweni zaseChloorkop.

Nokho uma kungukuthi uMokwena akafunanga ukubonisana nabanye mayelana nokuthi isizini edlule ayihambanga njengoba bekufiswa eChloorkop, nokuthi kumele kube nendlela ethile yokwenza izinto ngesizini ezayo, cha impela umunwe kumele nakanjani ukhombe kuyena.

Ngikuqonda kahle ukuthi ukunqoba iDStv Premiership (okwesikhombisa kulandelana) ne-African Football League, ebidlalwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika, akuyona into okufanele yenelise iSundowns uma kubhekwa abadlali enabo nemali eyisebenzisayo ukubathenga.

Ngikholwa ukuthi uMokwena ubenikiwe inkululeko yokuthenga abadlali abathandayo nokuqasha abantu akholelwa kubona ukuthi angasebenza nabo. Uma iqembu libona ukuthi akulizuzisi ngendlela ebelibheke ngayo lokho, bekufanele kuhlalwe phansi noMokwena kubonakale ukuthi kungashintshwa kuphi ukuya phambili.

Veleke ihlale iyinkinga eyokusayiniswa nokudedelwa kwabadlali emaqenjini. Akulula futhi ukuthi umqeqeshi avume ukuthi kulandwe abadlali yena engashongo ukuthi ufuna bona, ngoba ekugcineni uyena obacijayo nonqumayo ukuthi basuke bekulungele yini ukudlala.

Kodwa-ke umfo kaMokwena bekumele azibuze ukuthi kufanele izitshwe yini le yokuthi iqembu liphume kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League, amasizini amabili elandelana. Azibuze futhi ukuthi yinto engasho lutho yini ukushaywa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 noweNedbank Cup ngesizini eyodwa.

Lesi simo nakanjani besidinga kuhlalwe phansi kukhulunywe bese kutholakala isisombululo sesizini ezayo. Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe uMokwena uyafuna yini ukuboniswa abanye abantu noma uvele ababone begxambukela kulokhu yena akwazi kangcono kunabo?

Uma engumuntu ohlulekayo ukusebenza nabanye abantu, nakanjani inkinga kaMokwena uyena uqobo. KwiSundowns kusemsebenzini akukhona kwakhe uMokwena. Uma umsebenzi ungahambanga ngendlela abebefuna ngayo abaqashi akumele basabe ukukutshela lokho, bese baqhamuke nabakucabangayo ukuthi kulungiswe ukuze kungaphindeki into efanayo ngesikhathi esizayo.

Wenake uma ungumuntu owazi ukuthi kumele kulalelwe amaqhinga akho kuphela, kuyaye kube nokushayisana kwemibono okukhulu. Lo mqeqeshi ubenikwe inkontileka yeminyaka emine okukhombisa ukuthi iqembu belisamethemba futhi limdinga.

ISundowns izobe ilahlekelwe ngokuhamba kukaMokwena kodwa naye kumele akufunde ukuzehlisa nokulalela ukuthi abanye basuke bebona kanjani. Shwiii!