I-Bay ingase izisole ngezinqumo zayo ekupheleni kwesizini
SIHLE NGUBO
Ukudliwa kweqembu yizembe, lisuke kwiBetway Premiership liyodlala kwiMotsepe Foundation Championship, kuhlale kuyinto enzima nengehli kahle kubaphathi bamaqembu.
Kuningi okushintshayo kusukela kwisibonelelo sanyanga zonke esingu-R2.5 million, esitholwa amaqembu ePremiership, ukudlala emiqhudelwaneni yomkhumulajezi, iMTN 8 (uma iqembu liqede kwiTop 8), iCarling Knockout Cup Nedbank Cup ( ngaphandle kokudlala imidlalo yokuhlunga).
Esikhathini esiningi iqembu liyaphoqeka ukuthi lidedele abadlali abathile, kuthi abanye behliselwe imiholo. Kuye kudingeke nokuthi lithole abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23, njengoba kunomgomo wokuthi kumele babe bahlanu abaqala umdlalo kwiChampionship.
Ayiphathwa eyabadlali abasuke bedlala kwiDStv Diski Challenge ngoba ukudliwa yizembe kweqembu kusuke kusho ukuphela kwemisebenzi kubona. Kuphinde kulahleke nethemba lokudlala esigabeni esiphezulu ngoba akubona bonke abagcina bezitholele amaqembu.
Ukubuya kwiChampionship kukodwa nje kuyinto enzima kakhulu. Ambalwa amaqembu ashona ehlathini bese ngesizini elandelayo abuyele esigabeni esiphezulu. IMaritzburg United ihlulekile ukubuyela esigabeni esiphezulu ekupheleni kwesizini edlule, kulandela ukudliwa yizembe ngesizini ka-2022/2023.
UVusumuzi “Kanu” Vilakazi ufike kwiRichards Bay FC kucaca ukuthi ihlathi liyayiqhweba. Lo mqeqeshi, ngokubambisana nabadlali nethimba labaqeqeshi, uqinisekisile ukuthi iqembu aliyi ehlathini.
Emidlalweni yokuhlunga iNatal Rich Boyz ibidlala sengathi idlala okokugcina. Kusobala ukuthi bonke abaseqenjini bebekuqonda ukuthi yini ebizokwenzeka uma iqembu lidliwa yizembe.
Ngebhadi iBay noVilakazi abavumelananga ngezinto ezithile nokuphoqe ukuthi kuhlukane inhloko nesixhanti. Makhulu kodwa amathuba okuthi lo mqeqeshi, oneminyaka engu-41, ubengenza kangcono eqenjini eseqale nalo phansi isizini.
“Ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukudlala imidlalo yokuhlunga. Njengomqeqeshi bengingafuni ukuzithola ngivika izembe,” kusho uVilakazi muva nje.
“Bengizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iqembu liqeda endaweni engcono ekupheleni kwesizini.”
Uthe ekusho konke lokho uKanu ubisi luvele seluchithekile. Bese behlukene neBay eseyiqashe uBrandon Truter njengomqeqeshi wayo omusha.
Mhlawumbe izinkinga zezinkontileka ezibaqhathile, nokunye okungaziwa, bekungamele kukhulunywe kangcono ngakho, ukuze iqembu liqhubeke nomgqigqo ebese liwubambe emidlalweni yokuhlunga ngaphansi kukaVilakazi.