Ikhilikithi

UKwena Maphaka eqenjini lamaProteas elizobhekana neWest Indies

Umqeqeshi weNingizimu Afrika emidlalweni yosuku olulodwa neyeT20, uRob Walter, ufake noKwena Maphaka eqenjini lakhe elizodlala imidlalo emithathu yeT20 neWest Indies, ngasekupheleni kwenyanga eTrinidad and Tobago.

Lo mdlali ushaye into ecokeme ngesikhathi kineNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa ye-Under 19 muva nje. Ubekwenza kubukeke kulula kakhulu ukuthatha amawikhethi. Uphinde wadlalela iMumbai Indians lapho ebedlala okokuqala kwi-Indian Premier League.

“Abadlali abambalwa abazange bafakwe ukuthi badlale lolu chungechunge lwemidlalo ngenxa yokulimala, ukudlala imidlalo eminingi nokudlala imidlalo yeT20 eqhubekayo kwamanye amaligi,” kusho uWalter.

“Lolu hambo lusinika ithuba lokwandisa abadlali bethu sibe siqhubeka nokuba nalabo abanamava. Kuzophinde kuveze ikhono labadlali abasazama ukungena eqenjini uma bebhekene nabadlali abasezingeni eliphezulu, okuyinto efanayo neyenzeka ngoMeyi ngesikhathi sibhekene neWest Indies.

“Siyajabula ukuba noJason [Smith] noKwena [Maphaka] kule midlalo. UJason ubelokhu edlala kahle emidlalweni edlule kanti ukukwazi kwakhe ukushwiba nokubhetha kuzosisiza kakhulu.

“UKwena simbona njengomdlali onekusasa elihle futhi lolu hambo lusinika ithuba elihle lokumfaka kumaProteas, athole amava abalulekile.”

Selilonke iqembu limi kanje: Aiden Markram (ukaputeni), Ottneil Baartman, Nandre Burger, Donoven Ferreira, Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Patrick Kruger, Kwenza Maphaka, Wiaan Mulder, Lungi Ngidi, Ryan Rickelton, Jason Smith, Tristan Stubb’s, Rassie van DER Dussen noLizaad Williams.