i-Currie Cup

Kugqame uYaw Penxe iSharks inqoba iCheetahs koweCurrie Cup

SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Sharks inyukele endaweni yesine kwilogi yeCarling Currie Cup, kulandela ukushaya iToyota Cheetahs ngo 25-20 eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo obevutha bhe, bese kubukeka sengathi iqembu laseThekwini lizobuya lishayiwe eBloemfontein kodwa lashaya itry elinqobisile ngemizuzu yokugcina.

ISharks iyona evule inkundla ngomzuzu wesishiyagalombili ngephenathi eze noLionel Cronje. Iphendulile iCheetahs ngeyayo iphenathi ngomzuzu ka-16, ngonyawo luka-Ethen Wentzel.

U-Yaw Penxe ushaye itry yokuqala yeSharks ngomzuzu ka-20. Ngemuva kwemizuzu emibili ubuyile futhi uPenxe washaya itry yesibili kulandela ukwenza iphutha kweqembu lasekhaya ngephasi ende ehlale ezandleni zalo mdlali, washo ngejubane.

ICheetahs iyitholile eyayo itry ngomzuzu ka-38 kanti ibekwe uCorne Fourie. Iphenathi kaCronje ngomzuzu ka-40 yenze zaya ekhefini iSharks ihamba phambili ngo 18-10.

Isiwombe sesibili sivulwe yiCheetahs nge-try kaVernon Paulon ngomzuzu ka-51. Bekubukeka sengathi iCheetahs izowunqoba umdlalo ngesikhathi uWentzel eshaya itry ngomzuzu ka-74 kwaba ngu 20-18. Nokho uqhamukile u-Eduan Keyter wayilamulela iSharks eshaya itry ngomzuzu ka-76.

Emdlalweni olandelayo iSharks izobhekana neDHL Western Province eDHL Cape Town Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.