EzakamuvaIBafana Bafana

Umqeqeshi weBafana Bafana weluleka iPirates ngoMbokazi

SIHLE NGUBO

Ufisa i-Orlando Pirates idedele uMbekezeli Mbokazi ayodlala e-Europe kuseyimanje, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

Lo mqeqeshi waseBelgium uyazifela ngoMbokazi futhi umbona enekusasa eliqhakazile kakhulu.

UMbokazi uqale ukudlala kwiBucs, eqenjini elikhulu, ngasekupheleni kwesizini edlule kodwa sekubukeka sengathi usedlale inqwaba yamasizini.

Muhle kakhulu ekuvimbeni izitha ngokungatatazeli, kanti futhi uma ephasa ibhola ulibeka ngqo endodeni.

“Ngiyagcizelela, uMbokazi kumele aye e-Europe ngoba udinga enye inselelo ukukhulisa izinga lakhe liye phezulu. Muhle kakhulu,” kusho uBroos.

“Ngiyaxolisa kwi-Orlando Pirates kodwa uMbekezeli Mbokazi kumele ahambe ngonyaka ozayo. Uzoba ngcono kakhulu e-Europe.

“Uma ehlala kwiPirates kuzogcina sekulula kakhulu kuyena ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu.”

UMbokazi ukhona eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, elizobhekana neZimbabwe neRwanda emidlalweni emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Umdlalo wokuqala, ezowudlala neZimbabwe useMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu oluzayo.

Owesibili lapho izobhekana neRwanda useMbombela Stadium, ngo-Okthoba 14.

IBafana Bafana kumele iyinqobe nakanjani le midlalo ngemuva kokuthathelwa amaphuzu amathathu yiFifa.

Iqembu lakuleli ladlalisa uTeboho Mokoena kungafanele ngoba wayenamakhadi aphuzi.

Kulowo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba iNingizimu Afrika yashaya iLesotho ngo 2-0.

ISafa seyinqume ukulidlulisela phambili icala ekomitini leFifa elibhekene nezimangalo.

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Sipho Chained, Ricardo Goss

Abasemuva: Malibongwe Khoza, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Thabang Matiludi, Samukelo Kabini, Nkosinathi Sibisi 

Esiswini: Teboho Mokoena, Sphephelo Sithole, Bathusi Aubass, Thalente Mbatha

Amafolosi: Thapelo Morena, Oswin Appollis, Sipho Mbule, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Tshepang Moremi, Mohau Nkota, Relebohile Mofokeng