UBroos ucacisa ngokubiza owePirates angamdlalisi
SIHLE NGUBO
UHugo Broos, oqeqesha iBafana Bafana, useveze ukuthi kungani ehlale ebiza uNkosinathi Sibisi we-Orlando Pirates, yize engavamisile ukudlala eqenjini lesizwe.
USibisi ukhona eqenjini elizobhekana neCongo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-Okthoba 11, eNelson Mandela Bay Stadium, nasekuhambeni eBrazaville ngo-Okthoba 15.
Bakhona abashaya amakhala ngokubizwa kwalo mdlali weBucs kwiBafana, kanti noBroos uyavuma ukuthi akabizwa ngoba edlala kahle eqenjini lakhe.
“Ngesinye isikhathi asenzi izinqumo ngenxa yokuba sezingeni eliphezulu komdlali,” kusho uBroos kwiSABC Sport.
“Kodwa kukhona nokubaluleka komdlali eqoqweni labadlali. USibisi uwusizo kakhulu, ucisho afane kancane noVeli Mothwa (waMaZulu).
“Bayeseka kakhulu besebhentshini, uma ubadinga ungathembela kubona, yileso isizathu sokuthi uSibisi usekhona eqenjini nathi.”
USibisi kuzomele aqale asize iqembu lakhe linqobe iMTN8 ka-2024. IBucs izobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Ngemuva kwalokho abadlali bePirates bazobe sebejoyina abanye ababiziwe kwiBafana ngeSonto ekhempini.