IBafana Bafana

UMokoena ube yinja ye-game kunqoba iBafana

SIHLE NGUBO 

IBafana Bafana ibukise ngeCongo Brazzaville iyishaya ngo 5-0 emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

Kube ukudlala kahle kukaTeboho Mokoena okwenze iNingizimu yaphumelela. Udlale ibhola elineNkosi phakathi.

Umdlalo uke wama imizuzu eminingi ngoba kungene izibukeli enkundleni. Lokho kwenzeke ngemuva kokuthi uTeboho Mokoena eshaye intuthu yegoli ngomzuzu ka-27

Uye lowo Mokoena obeshaye igoli lokuvula ngomzuzu ka-13 kwachwaza inkundla eGqeberha. Ngemuva kokuma komdlalo uBathusi Aubbaasi ushaye elinye igoli ngomzuzu ka-36 yaphinde yacula inkundla.

Isiwombe sesibili siqale kuyiNingizimu Afrika ebiminya izihambi. Akuzange kumangaze uma kungena igoli lesine ngomzuzu ka-51 elize noLyle Foster.

Ngaleso sikhathi bese kucaca ukuthi iBafana igudla nayo iCongo. Maningi amathuba ayekwe iBafana ngemuva kwalokho.

Kodwa zivele zaduma ngemuva kwalokho. Kungene u-Iqraam Rayners wabeka igoli elingene ngomzuzu k-62. 

UFoster, ogijima kwiBurnely e-England, uphume eselimele ngenxa yokulimala.

“Kumele sithole igoli uma sifika eCongo. Kubalulekile lokho,” kusho uMokoena obe umdlali ovelele.

IBafana izobhekana neCongo emdlalweni wesibili wokuhlungela i-Afcon, ngoLwesibili, eBrazzaville.