IChiefs ingene egunjini labagula kakhulu ibhaxwa yiPolokwane
SIHLE NGUBO
IPolokwane City yandise izinkinga zeKaizer Chiefs iyibhaxa ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto ntambama.
IChiefs aziyihambeli kahle neze izinto emidlalweni yeligi lapho ikuthola kuwumqansa ukunqoba imidlalo. Amakhosi aye kulo mdlalo esanda kubambana neRoyal AM ngo 2-2 emdlalweni lapho ake ahamba khona phambili ngo 2-0.
Umdlalo ubungasheshi kakhulu esiwombeni sokuqala nobekwenziwa ukushisa. Nokho iChiefs ibibukeka ihluleka ukuhlanganisa amaphasi uma seyibheke endaweni eyingozi yeRise and Shine.
Kuthe kusabhekwe ukuthi iChiefs izohlangana, iPolokwane yalithunga isuka emuva laze lagcina likhala phakathi ngonyawo luka-Oswin Appollis ngomzuzu ka-17.
Nangemuva kwalokho iChiefs ayizange ivuke emaqandeni zaze zaya ekhefini kungu 1-0.
Ngesiwombe sesibili umqeqeshi uNasreddine Nabi wenze ushintsho efaka uThatayaone Ditlhokwe endaweni kaBradley Cross, obeselimele, uPotsane endaweni kaGaston Sirino noMfundo Vilakazi kwekaWandile Duba.
Ngemuva kwalokho Amakhosi athe ukuphaphama kucaca ukuthi afuna igoli lokulinganisa. Nokho aliqhamukanga igoli ngoba iRise and Shine ibingasafuni lutho emuva.
Ukuhlasela kweChiefs kwenze ukuthi ivuleke kakhulu emuva. Kugcine konakele, uMokibelo Ramabu eshaya igoli lesibili lePolokwane, kwaphela nya ngeChiefs.
Ukushaywa kweChiefs kwenze yehlela endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship nokuyicindeza kakhulu kunakuqala.
Ngasohlangothini lwePolokwane inyukele endaweni yesithathu kwilogi. I-Rise and Shine iyona eshaye iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership emasontweni edlule.