ISuperSport idlule kanzima kwiSpurs koweNedbank Cup
SIHLE NGUBO
ISuperSport United iphunyuke ekugcineni ishaya iCape Town Spurs ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup Last 16, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
ISpurs, egijima kwiMotsepe Foundation Championship, bekulindelekile ukuthi iyinike ubunzima iSuperSport engadlali kahle selokhu kuqale isizini.
Igoli lokuvula inkundla lishaywe uTherlo Moosa ngomzuzu wesihlanu. Leli qembu belibukeka lidlala kahle uma liya phambili, kwaze kwaba ngasemizuzwini yokugcina yesiwombe sokuqala.
Ukushintsha kwezinto kwenze ukuthi u-Ime Okon abeke phakathi igoli leSuperSport ngomzuzu ka-36. Ziye ekhefini kungu 1-1.
Umdlalo uthande ukushintsha ngesiwombe sesibili iSuperSport seyihlasela kakhulu. Lokhu kuphoqe iSpurs ukuthi idlalele emuva kakhulu.
Nokho igoli alizange liqhamuke kwaze kwaphela umdlalo. Zibe seziya esikhathini esengeziwe kodwa nakhona dololo igoli.
Kuthe sekubukeka sengathi kuzoshaywa amaphenathi uLebohang Maboe washaya igoli ngomzuzu ka-120. Kucacile ukuthi sephele kanjalo ngeSpurs.
I-Urban Warriors ibizabalazisa iSuperSport nje isengozini yokudliwa yizembe kwiMotsepe Foundation Championship. Isendaweni ka-15 ngemuva kwemidlalo engu-18.
Mhlawumbe abaphathi baleli qembu laseKapa bazojabulela kakhulu amaphuzu angabasindisa ezembeni kunokuqhubeka nokudlala kwiNedbank Cup.

