UMaela uvaleliselile kubalandeli beBucs beyivala neMagesi
SIHLE NGUBO
Uvalelisile kubalandeli ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, obedlala umdlalo wakhe wokugcina egqoke imibala yeZimnyama.
UMaela ubegqoke ibhande likakaputeni okokugcina ngesikhathi bebambana neMagesi FC ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
IPirates iyona ebihlasela kakhulu emizuzwini yokuqala yomdlalo, kucaca ukuthi ibifuna igoli ngokushesha.
Akuthathanga isikhathi esingakanani iBucs yathola ifree kick, wayisusa uRelebohile Mofokeng, wayinika uPatrick Maswanganyi oyibeke phakathi ngomzuzu wesikhombisa.
Ngemuva kwalokho bekuyiPirates ebihlasela kakhulu futhi kuke kwabukeka sengathi bekumele ithole iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaMaswanganyi ebhokisini.
IBucs ithe ukuhuqa ubuthongo emuva kwavuleka izikhala. Ibhola eliphaswe uThabang Sibanyoni lithole u-Edmore Chirambadare waliqabulisa inethi ngomzuzu ka-32.
Kulo mdlalo kubonakale ukaputeni wePirates uMaela, obese kunesikhathi eside agcina ukuqala umdlalo.
Lo mdlali wagcina ukuqala umdlalo ngoSepthemba nyakenye, kanti kukholakala ukuthi uzowagaxa emgibeni amakhokho akhe njengoba kuphela isizini.
Ngesiwombe sesibili umqeqeshi wePirates, uMandla Ncikazi, umkhiphile uMaela nokuyilapho ephakamise khona izandla ekhombisa ukuvalelisa kubalandeli.
Lo mdlali ubesebe kwiPirates iminyaka eyisishiyagalombili kodwa into ebimhlupha ukulimala njalo.
Akalahlekile kweZimnyama njengoba kuvela ukuthi bazomnika umsebenzi azowenza eqenjini.
Umdlalo wangoLwesithathu uphele ngo 1-1 nokuchaza ukuthi iPirates iqoqe amaphuzu angu-61 kule sizini.

