EzakamuvaIBetway Premiership

Icala likaMpambaniso neGallants lingase liphambanise ukuqala kweyePremiership

SIHLE NGUBO

Kungase kuphazamiseke imidlalo yeBetway Premiership ngempelasonto ngenxa yecala elithinta iCape Town City neMarumo Gallants, okuvela ukuthi liqhubekela phambili.

ICity ibifake icala ngokuthi iGallants idlalise uMonde Mpambaniso engenawo amaphepha amkhululayo ukuthi adlale kuleli qembu ngesizini edlule.

UMpambaniso udlale imidlalo engu-20 yeGallants ngesizini edlule, futhi leli qembu lilivumile icala lagwetshwa yiPremier Soccer League (PSL) ngesonto eledlule.

Bekulindeleke ukuthi uma iGallants itholakala inecala izothathelwa wonke amaphuzu ewathole ibophele lo mdlali, nokuyinto engenzekanga.

“IMarumo Gallants izohlawuliswa u-R200 000, uhhafu wawo izowukhokha manje bese enye ingxenye ilengiswe ukuthi ingazitholi inecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24,” kusho uZola Majavu ongumshushisi wePSL ngeledlule.

Lo mdlali yena akatholakanga enecala ngakho asikho isigwebo asinikwe yiPSL.

Ngokubika kweSABC, uHilton Epstein useqokwe ukuthi abe ngumehluleli weSafa njengoba iCity ilidlulisele phambili icala.

Kuthiwa leli qembu laseKapa selivele litshele iHigh Court ukuthi lizofaka isicelo sokumisa imidlalo yeGallants ne-Orbit College ngo-Agasti 9 no-12.

Ngokohla lwemidlalo yeBetway Premiership iGallants kumele ibhekane neRichards Bay FC, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Omakoti beligi i-Orbit College kumele babhekane naMaZulu FC, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

I-Orbit College inyukele kwiPremiership ngemuva kokunqoba imidlalo yokuhlunga lapho ibidlala neCity neCasric Stars.

ICity iqede endaweni ka-15 kwilogi yePremieship ngesizini edlule kodwa ifuna iGallants iphucwe amaphuzu ngokudlalisa uMpambaniso.