EzakamuvaIBetway Premiership

‘Ubaba uyaziqhenya ngami,’ kusho isitobha seChiefs

SIHLE NGUBO

U-Aiden McCarthy weKaizer Chiefs ufisele umqeqeshi uNasreddine Nabi konke okuhle ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele beshaya iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto.

Amakhosi ayivule kahle imidlalo yeBetway Premiership yize kade engekho umqeqeshi uNabi oseTunisia izinsukwana.

Lo mqeqeshi uphuthume ekhaya ngemuva kokuthi umkakhe ebe sengozini yemoto ngeledlule.

“Lokhu okomqeqeshi uNabi ongakwazanga ukuba nathi namuhla,” kusho uMcCarthy oyindodana kaFabian McCarthy owayedlalela iChiefs.

“Sengibe seqenjini elikhulu isikhathi eside futhi uyabona manje ukuthi ngivele ngangena egiyeni.

“Ubaba wami uyaziqhenya ngami nami futhi ngiyaziqhenya. Ngethemba ukuthi konke kuzoqhubeka kahle.”

Umdlalo uqale kuyiStellies ebicindezela iphaselana ibhola kahle engxenyeni yeChiefs.

Nokho Amakhosi athole ithuba lokuhlasela kanye kwase kudaleka iphutha elikhulu.

USiviwe Nkwali uthole ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-13 ngemuva lokudlalisa kabi uMduduzi Shabalala.

UNkosingiphile Ngcobo uthathe ifree kick evele lapho wayibeka phakathi ngomzuzu ka-15.

Akubonakalanga ukuthi iStellies ibingasaphelele ngendlela ebiyicindezela ngayo iChiefs.

IChiefs ithole iphenathi ekugcineni ngci ngemuva kokudlaliswa kabi kuka-Ashley du Preez ebhokisini.

Ithathwe uGlody Lilepo wayibeka phakathi ngomzuzu ka-90+6.

Kungokwesithathu emlandweni ukuthi iChiefs ivule imidlalo yeligi ngokuqoqa amaphuzu amathathu.

Lokhu kuzokwehla kahle kakhulu kubalandeli bayo ngoba ompetha beligi iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates balahle amaphuzu emidlalweni yabo yokuvula.

ISundowns ibambane neChippa United ngo 1-1 eNelson Mandela Bay Stadium, kwathi iPirates yashaywa yiSekhukhune United ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.