CAF Champions League

I-Downs isethubeni lika-R102 million kwiChampions League

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns isethubeni elihle lokukhala yemuke no-R102 million, uma igcina inqobe iCAF Champions League ka-2025/2026.

Lokhu kulandela ukuthi umengameli weCAF, uPatrice Motsepe, ememezele ukwenyuka kwemali ezingeni lamaqembu ayibamba kwiCAF, kusukela ngesizini ka-2025/2026.

Lesi simemezelo sikhombisa ukukhula kakhulu kwesikhwama semali seCAF, nokuyinto okunconywa kakhulu kuyona uMotsepe, ongumnikazi weSundowns.

Selokhu kufike uMotsepe kwiCAF abaxhasi bale nhlangano ephethe ibhola e-Afrika, banyuke kakhulu, nokwenza ukuthi ibe nemali ngokwanele.

Ompetha beChampions League bazokhala bemuke no-R102 million, okuyimali enkulu kunayo yonke eseyike yanqotshwa yiqembu emlandweni webhola e-Afrika.

Kwi-CAF Confederation Cup ka-2025/2026, ompetha bazohleka bodwa njengoba bazokhala bemuke no-R68 million.

Ngebhadi amaqembu aseNingizimu Afrika abeyibambe kwiConfederation Cup, iKaizer Chiefs neStellenbosch FC, ahlulekile ukudlulela kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano.

ISundowns ibiphelezelwa yi-Orlando Pirates kwiChampions League kodwa iBucs yehluleka ukudlulela emidlalweni yamaqoqo.

Njengamanje ompetha beBetway Premiership, iDowns, basethubeni elihle lokuletha u-R102 million eChloorkop, okungasho amabhonasi amahle kubadlali nethimba labaqeqeshi.

Ngaphandle kwalokho umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ubheke ukunqoba le ndebe ukuze agcine umsebenzi wakhe kuleli qembu.

Lo mqeqeshi wasePortugal anengcindezi enkulu nokwenza njengoba abalandeli beSundowns sebeke bezwakalisa ukungenami ngaye.

Abafana Ba’Style bazobhekana neStade Malien, yaseMali, emlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeChampions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.

Umlenze wesibili useMali ngoLwesihlanu oluzayo (Mashi 20), kanti kulindeleke ukuthi iSundowns idlulele phambili kweyandulela owamanqamu weChampions League.

IStade Malien ayinawo umlando obambekayo kwiChampions League, kodwa uHlompho Kekana, owake wadlala kwiSundowns, useke wakubeka ukuthi kumele bagawule babheke kuleli qembu.

“Kuzoba yinselelo enkulu ukudlala neStade Malien ngoba imangaza abaningi kulo nyaka,” kusho uKekana emasontweni edlule.

“Bebelokhu beyiqembu elikhulu kulo mqhudelwano nasezwenikazi (i-Afrika) kodwa kulokhu sebekhombisile ukuthi bakhulu kangakanani eqoqweni labo, ngaphezu kwe-Esparance yaseTunisia…

“Ngicabanga ukuthi sonke singavumelana ukuthi wonke amaqembu asemidlalweni yama-quarterfinal kuwafanele ukuba lapho, ngoba nasemazweni awo amanye anqobe iligi.

“Akumele udidiswe ukuthi bahlezi kuphi kwilogi ezweni labo. Inhlangano yabo yebhola ibanike ithuba lokugxila kwiChampions League.”

Ngesizini edlule iSundowns ishaywe yiPyramids SC yase-Egypt kowamanqamu weChampions League, sekubhekiwe ukuthi izoyiqukula okwesibili le ndebe.

Abafana Ba’Style bagcine ukuthatha iChampions League eminyakeni elinganiselwa kweyishumi edlule (ngo-2016) ngaphansi koqweqwe lomqeqeshi, uPitso Mosimane.